Ukuphakwa kwamasosha kumise ukushiswa kwamaloli



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Selokhu kujutshwe abombutho wezokuvikela iSouth African National Defence Force (SANDF) ezifundazweni ezine ezibe neziqubu zokungqongqiswa kwamaloli emasontweni edlule, azikho izehlakalo zakamuva ezibikiwe kuze kube yimanje. Amasosha atshalwe emizileni ehlukene ukulekelela amaphoyisa KwaZulu-Natal, eMpumalanga, eFree State naseLimpopo.
Ukungenelela kwamasosha kugqugquzelwe nayinhlangano yabalimi iAgri SA ethe okwenzekayo kushaya kakhulu umnotho wezwe, futhi sekucacile ukuthi amaphoyisa ewodwa angeke akwazi ukubhekana nalezi zigameko. Yize kusathule kodwa ngempelasonto kube nemihlangano eminingi yezobunhloli kanjalo nezinhlangano zabashayeli bamaloli. Umuzwa emazingeni aphansi uthi lezi zehlakalo zihlobene nentukuthelo yabashayeli bamaloli abakhala ngokuxhashazwa bathathelwe nemisebenzi abantu abaphuma emazweni angaphandle.
Ngokusho kokhulumela iSANDF uSiphiwe Dlamini, izindawo eziqashelwe kakhulu itoll gate yaseMooi River naseMarianhill. “Indlela izinto ezenzeka ngayo kube sobala ukuthi lolu chungechunge lokushiswa kwamaloli belihlelwe ngendlela, yingakho nathi sizihlele ngendlela ukubhekana nanoma yisiphi isimo esingaqhamuka,” kusho uDlamini ohambe emazwini kaNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele. Kuze kube yimanje amaloli aseshisiwe alinganiselwa kuma-21. Ngokusho kukaCele bangena-67 abasolwa asebeboshiwe emacaleni ali-11, abanye abasolwa sebevelile nasezinkantolo. Ukushiswa kwamaloli kwaqla ukwenzeka ngonyaka we-2018 kodwa kungokokuqala ukuba kuphakwe amasosha.