Sibanjwe ngamakhwahla ngozama zama: Lesufi
Iminwe ikhomba uhulumeni ngokwehluleka ukuqinisa isandla ekulweni nokumbiwa ngokungemthetho kwemigodi eyabe kungeyezimayini okukhalwa ngokuthi yikho okuholele ekufeni kwabantu abali-17 emijondolo yaseBoksburg eyaziwa nge-Angelo eGoli ngoLwesithathu. Isibalo sabaphangelele ngenxa yesisi segisi side sinyuka njalo.
Ngelanga lesigameko kubikwe abali-16 okukhona kubo abesifazane nezingane. Ekuseni namuhla isibalo besikhula kwazise abanye baphuthunyiswe ezibhedlela kwembulwa kwembeswa bashonela khona. Amasilinda egesi ayingozi abegcinwe kweminye yemijondolo, kanti igesi izovuza ixhele abantu abakhele le mijondolo.
Le gesi ibinesithako senitrate okungafanele sihilwe ngumuntu ngenxa yobungozi naso.Abazibonele bachaze ngobuhlungu bokubona izingane zifa okwezimpukane zingakwazi ukuthola usizo ngenxa yokuthi wonke umuntu ubesesaba ukusondela eduze kwalapho bekuvuza khona igesi. Abanye basole uhulumeni ngokuthalalisa ekuvaleni imigodi eyabe iyizimayini. Bathi sekukaningi kukhulunywa ngo”zama zama” nomonakalo asebewudalile kodwa kungabi khona zinyathelo ezithathwayo.
“Imigodi manje sebengena kuyo emini kwa bha kungabi ndaba zalutho ngoba sekubukeka sengathi benza into esemthethweni,” kubalisa esinye isakhamuzi saseBoksburg. Siqhube sathi iningi lozama zama ngabantu bangaphandle abaqashe ezindaweni zomphakathi. Omunye uveze ukuthi ukukhononda kwabasemandleni ngozama zama, kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ngoba kukhona izikhulu ezihlomulayo ngokwenzekayo.
“Ubani okhokhela ukulandwa kwalabantu nazozonke izinsiza ezisetshenziswayo, kanjalo nezindleko zokuthunyelwa komkhiqizo osuke usumbiwe emazweni angaphandle.”
UNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi ube ngabanye bezakhamizi abahambele le ndawo beyobhonga emswanini. ULesufi uthe isifundazwe singaphansi kwenkulu ingcindezi futhi akwehlukile nokuthi sibanjwe ngamankwahla ngabamba izimayini ngokungemthetho.