ICosatu ithi isiteleka sanamuhla sivikelekile
ICosatu ifunga iyagomela ukuthi imibhikisho yanamuhla ihlose ngayo ukushayelela isipikili ngokungenami kwabasebenzi ngendlela okuqhubeka ngayo izinto ezweni kusuka kwizinga eliphezulu labangasebenzi, ukwehla kwamandla omnotho nenkohlakalo edla lubi. Lo mfekandawo wezinyunyana uthi yize kukhona ukukhuluma okuthi imibhikisho yanamuhla angeke yesekwe kakhulu, kodwa ithi ayihlehli ezinhlelweni zayo.
Izinyunyana ezingamadlelandawonye kubhekeke ukuba zibe nemibhikisho emadolobheni amakhulu ezweni, nabasebenzi bangalubhadi emsebenzini njengendlela yokudlulisa ukukhathazeka ngesimo esiqhubeka ezweni. Kubhekeke ukuba kuphazamiseke ukusebenza ezibhedlela nasemitholampilo nakwezinye izikhungo eziningi zikahulumeni njengoba izinyunyana zizozibandakanya nalo mbhikisho. Umxhumanisi weCosatu nePhalamende uMatthew Parks uthe isiteleka nemibhikisho yanamuhla ivikelekile akukho lapho abasebenzi bezosatshiswa khona ngabaqashi.
Uthe baya kulesi siteleka nje sebesitholile isitifiketi sika section 77 esikhishwe iNational Economic Development and Labour Council (Nedlac), okuyiso esinikeza abasebenzi isiqiniseko sokuthi bavikelekile uma bengenela isiteleka namuhla. Uthi okunye okuseqhulwini lwalesi siteleka ukunqanyulwa kwamaholo abasebenzi, ukunyuka kwenzalo yemalimboleko, ububha nokungalingani. “Kuningi esihlose ukukuqhakambisa ngemibhikisho yanamuhla, okunye kwakho ukufaka ingcindezi kuhulumeni ukuba aqhubeke okungaphezulu ukuqeda ukunqanyulwa kukagesi okuqhubekayo ezweni.
UParks uthe kunzima kuwona wonke umuntu ezweni, futhi kuzwela kakhulu kwabadonsa kanzima.Inyunyana iSouth African Transport and Allied Workers Union ngomlomo womkhulumeli wayo u-Amanda Tshemese uthe onogada nabePassenger Rail Agency of South Africa bazozibandakanya nesiteleka sanamuhla. Inyunyana yabahlengikazi nabasebenzi bezempilo iDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa), nayo ithe abasebenzi bayo bazosingenela isiteleka. Abanye abahlaziyi bathi kungenzeka isiteleka sanamuhla singesekwa njengokulindelekile ngoba abantu sebebeka phambili ukuvikela imisebenzi yabo, kunokwesabela ikhwelo lezinyunyana.

