Babonga iMeya yaseMzinyathi akade bemele elakuleli eHungary
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

Kuqhume amakhwelo kwakikizwa ngesikhathi kutheleka amaqhawe akade eyomela iNingizimu Afrika kumqhudelwano womkhalambazo, obizwa ngeSzolnok Karate World Championship obubanjelwe eHungary.
La maqhawe amathathu aqhamuka kuMasipala wesifunda uMzinyathi atheleke kuleli izolo. Efika esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo eGoli, abelindelwe izinkungu zabantu.
Okumangaze abaningi ukuthi la maqhawe asemancane ngokweminyaka, u-Adoriam Mkhomo uneminyaka eli-11 kuthi uCebelenkosi Zondi abe neli-10. Omdala bekunguLungisani Mabaso oneminyaka engama-27.
UMkhomo ubeyinqwele wabashaya bonke esigabeni sabaneminyaka eli-11 kwiKata wathola nomkomelo weBest Kata Perfomer, uZondi waphuma endaweni yesine kwiKumite kwathi uMabaso waphuma endaweni yesithathu kwiKata nakwiKumite.
UMabaso ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Kubuhlungu ukuthi sambile sayomela elakuleli kodwa kungekho esikuthole kuMnyango WeZemidlalo, ekubeni sawubhalela incwadi sicela usizo. Lo mqhudelwano ebesiye kuwo bekuwunyaka wama-38 waba khona, bekuqala ukwenzeka lento esiyenzile. Siyabonga kwiMeya yaseMzinyathi uPetros Ngubane ngokusilekelela ngemali eyizinkulungwane ezingama-R20 ngaphambi kokuthi sihambe, IGreytown Junior efunda labafana ebengihambe nabo eyakhipha izinkulungwane ezi-R4. Sihlale izinsuku eziyi-8 eHungary izindleko zonke bekumele sizimele. Ibuhlungu lento ngoba ezinye izinhlobo zemidlalo iyesekwa lapha kumkhalambazo kuthule” kusho uMabaso ephatheke kabi.
UMabaso uveze ukuthi uyakholelwa ekutheni lemiphumela ababuye nayo eHungary, izokwenza okumele babaxhase bakwenze lokho.
IMeya uNgubane ebikhona eGoli kuhlangathsezwa lamaqhawe ithe bazizwe bebusekile eMzinyathi ngoba kwezamankomane benza kahle, ekugijimeni benza kahle njengoba nakumkhalambazo sebenompetha bomhlaba.
“Ijabule kakhulu sibonga abaqeqeshi bala bafana ngoba ngaphandle kwabo besingeke sibuye nale miphumele. SiwuMzinyathi sisazoqhubeka nokulekela bonke abazomela isifunda kwezemidlalo” kusho iMeya Ngubane.

