“I-Afrika ayibambe iqhaza ekulamuleni imihlambi eyalanayo”



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe bekubalulekile ukuthi abaholi base-Afrika bathathe izinyathelo zokulamula impi ese-Ukraine.
URamaphosa ngenyanga edlule uhole ithimba labaholi abayisithupha base-Afrika baya eKiyv naseMoscow ngenhloso yokuhlanganisa isivumelwano sokuthula. I-Africa Peace Mission iye e-Ukraine naseRussia njengoba izwekazi lase-Afrika likhubazeka nalo ngenxa yalempi. URamaphosa uthe namanye amazwe angamalungu eBRICS nawo azibandakanye nalamazwe womabili njengoba impi isiphazamise umnotho womhlaba.
“Lokhu sikwenze ngoba njengamazwe ase-Afrika … abaholi abayisikhombisa bamazwe ayisikhombisa babona sengathi ngeke sibe izibukeli nje,” kwengeza uRamaphosa.
INingizimu Afrika izosingatha ingqungquthela yeBRICS okuyi- Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika – ngenyanga ezayo, lapho zonke izinhloko zalawo mazwe zihlelelwe ukuthi zibe khona. Kodwa i-ICC inencwadi egunyaza ukuboshwa kukaPutin, imsola ngecala lempi lokubuyisela izingane zase-Ukraine eRussia. INingizimu Afrika, njengelungu le-ICC, iphoqelekile ukuthi imbophe uma kwenzeka efika engqungqutheleni.
URamaphosa ukusho lokhu ngesikhathi ephendula icala enkantolo elifakwe yiqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance lokuphoqa uhulumeni ukuthi abophe uPutin uma kwenzeka ebeka unyawo lwakhe kuleli. Impendulo kaRamaphosa, efakwe ngoNhlangulana zingama-27, ivezwe esidlangalaleni ngoLwesibili. Esethulweni sakhe enkantolo, uphakamise ukuthi leyo mizamo ingase iphazamiseke. “Ukuboshwa kukaMongameli uPutin kuzokwethula inkinga entsha ezovala noma yisiphi isisombululo esinokuthula,”.
I-Kremlin ayikasho esidlangalaleni ukuthi umengameli waseRussia uzimisele ukuya engqungqutheleni , futhi uRamaphosa uthe asikho isinqumo sokugcina esithathiwe.