Now Reading
Uyaziqhenya umqeqeshi ngabadlali abaqokelwe kwimkomelo emiqoka yekhilikithi
Dark Light

Uyaziqhenya umqeqeshi ngabadlali abaqokelwe kwimkomelo emiqoka yekhilikithi

Umqeqeshi wekhilikithi uSandile Caluza uthi noma benganganqoba abadlali abaqeqeshayo, kodwa ukuqokwa kwabo kubadlali abenze kahle ngaphansi kweCricket South Africa (CSA) kusho lukhulu. 

Labo badlali abaqeqeshwa uCaluza izintokazi ezimbili uNonkululeko “Lefty” Mlaba Nondumiso Shangase. Lezi zintokazi ziqokwe kubadlali abenze kahle ngaphansi kweCSA kusizini yowezi-2022/23. 

Umcimbi wokuklomelisa abazodla umhlanganiso uzobanjelwa eVodaworld, eMidrand, namuhla ngoLwesihlanu. 

“Ngijabule ngiziqhenya kakhulu lokhu kuveza imivuzo yokusebenza kanzima iyabonakala. Noma benganqoba ukuqokwa nje kukodwa kuyinto engaveleli wonke umuntu. Ukuqokwelwa kwaweCSA kusho ukuthi usuke usebenze ngempela” kusho uCaluza onoLevel 2 wokuqeqesha. 

UNonkululeko ubalwa nabadlali abaqokwe eminxeni eminingi, uqokwe koweWomen’s T20 International Player of the Year, S.A Women’s Player of the Year, S.A FANS Player of the Year noweThe Best Delivery Fuelled by KFC.

Abanye abadlali abaqokwe eminxeni eminingi kwabesilisa uTemba Bavuma, u-Aiden Markram, u-Anrich Nortje noDavid Miller. Kwabesifazane uMarizanne Kapp, uLaura Wolvaardt noShabnim Ismail.

Intokazi yakaMlaba iphinde ikeliswe endaweni yesibili emhlabeni kulabo abashwiba emdlalweni yeT20 International.

“Akungithusi ukubona uNonkululeko eqokwa kwimkomelo engaka, nasemhlabeni ehlezi kulendawo ahlezi kuyona. Okwenza ngisho njalo konke akwenzayo usezenzela yena akasadingi ukukhunjuzwa. Indlela asebenza ngayo uyatshengisa ukuthi ufuna ukuhlala phezulu emhlabeni” kusho uCaluza.

Lo mqeqeshi ongumsunguli weLindelani Cricket Club, ubalule ukuthi amazwi kaNonkululeko ukuthi uhlezi elangazelele ukuba ngaphezulu kukaSophie Ecclestone ongumshwi wase-England okeliswe phezulu. 

Kulo mcimbi kuzokonyeliswa nabayingxenye yezinye izinhlaka ezihlukene ezingaphansi kweCSA njengabadlala kuDivision 1 noDivision 2, abadlala ikhilikithi yabangaboni, abadlala emazingeni aphansi kanjalo nalabo asebekhulile ngeminyaka.

Lo mqeqeshi ubalule ukuthi kuliphupho lakhe ukuna aqhubeke nokukhiqiza abadlali abadlala kwelesizwe. Okwamanje bakhona abazilolonga kuNational Academy abanye bakwiSA Emerging okuyilapho bezosuka sebeya kumaProteas.

Uphinde wabalula ukuthi uyafisa ukuba iqembu iLindelani Cricket Club ithole ukuxhaswa ngoba linabo abadlali abanekhono. 

Abadlali asebekhiqizwe iLindelani Cricket Club u-Andile Mokgakane odlalela iWarriors, uSmangaliso Nhlebela weTuskers, uNhlakanipho Mpungose  weKnights, uBanele Cele okwiDolphins High Performance, uNondumiso Shangase okwiSA Emerging, uNobulumko Baneti 

no-Ayanda Hlubi abakwiNational Academy. 

Abanye basakhula uNobuhle Busani odlalela, u-Asamkele Kawu noSabathile Madlala abadlalela iDolphins Ladies. 

Uhlu lwabaqokiwe eminxeni ehlukene:

Internationa Men’s Newcomer of the Year: Gerald Coetzee, Tony de Zorzi, Tristan Stubbs.

T20 International Player of the Year: Reeza Hendricks, David Miller, Lungi Ngidi, Anrich Nortje, Rilee Rossouw.

One-Day International Player of the Year: Temba Bavuma, Heinrich Klaasen, Aiden Markram, David Miller, Anrich Nortje.

See Also

Test Player of the Year: Temba Bavuma, Anrich Nortje, Aiden Markram, Kagiso Rabada.

SA Men’s Player of the Year: Temba Bavuma, Anrich Nortje, Aiden Markram, David Miller.

Women’s T20 Internationa Player of the Year: Tazmin Brits, Shabnim Ismail, Marizanne Kapp, Ayabonga Khaka, Nonkululeko Mlaba, Laura Wolvaardt.

Women’s One-Day International Player of the Year: Lara Goodall, Shabnim Ismail Marizanne, Kapp Chloe, Tryon Laura Wolvaardt.

SA Women’s Player of the Year: Shabnim Ismail, Marizanne Kapp, Nonkululeko Mlaba, Laura Wolvaardt.

SA Fan’s Player of the Year: Temba Bavuma, Sisanda Magala, Aiden Markram, Anrich Nortje, Kagiso Rabada, Tazmin Brits, Shabnim Ismail, Sinalo Jafta, Nonkululeko Mlaba, Laura Wolvaardt.

The Best Delivery fuelled by KFC: Anrich Nortje vs Jonny Bairstow (ENGvSA), Kagiso Rabada vs Carlos Braithwaite (SAvWI), Anrich Nortje vs Steve Smith (SAvAUS), Simon Harmer vs Joshua da Silva (SAvWI), Shabnim Ismail vd Heather Knight (SAvENG), Nonkululeko Mlaba vs Smriti Mandhana (SAvIND)

CSA Umpire’s Umpire of the Year: Adrian Holdstock, Lubabalo Gcuma, Allahudien Paleker, Stephen Harris.

CSA Umpire of the Year: Adrian Holdstock, Allahudien Paleker, Abdoellaah Steenkamp, Lubabalo Gcuma. 

Scroll To Top