Now Reading
Bashaya indesheni kuGhana ngokuqubisa ababaleki
Dark Light

Bashaya indesheni kuGhana ngokuqubisa ababaleki

Inhlangano yababaleki i-United Nations High Commissioner for Refugees (UNHCR) ngoLwesithathu ithe ikhathazekile ngemibiko yaseGhana yokuthi amakhulu ezakhamuzi ezibalekela udlame lwaseBurkina Faso abuyiselwa emuva.

IBurkina Faso ingelinye lamazwe aseNtshonalanga Afrika alwa namaqembu ahlomile agxile enyakatho yeMali futhi athathe izindawo eziningi kule minyaka eyishumi edlule, abulala izinkulungwane futhi axosha abangaphezu kwezigidi eziyisithupha. Bangaphezu kwezigidi ezimbili asebebaleke bashiya amakhaya abo eBurkina Faso, lapho ukukhungatheka ngenxa yokungavikeleki okwandayo kwabangela ukuthi umbuso ubuswe ngezombutho kabili  ngonyaka odlule. Abanye, ikakhulukazi abesifazane nezingane, baye bakhosela enyakatho yeGhana, lapho ukuvukela umbuso kuye kwagadla khona eminyakeni yamuva nje.

Umsebenzisi wenkundla yokuxhumana uTwitter u-Alhaji Gbangbanku wabelane ngevidiyo ku-inthanethi yabesifazane abaningi bephethe izingane zabo, behlezi phansi endaweni yokupaka amabhasi. “Ukubuyiswa kwamaFulbes eBurkina Faso kuyaqhubeka namuhla emiphakathini embalwa esenyakatho yeGhana,” ebhala, echaza “njengesenzo esiholwa amasosha” kanye “okuyinyathuko eyingozi.” AbakwaReuters abakwazanga ukuqinisekisa ubuqiniso bevidiyo noma izinsolo zokubuyiselwa emuva kwababaleki

I-UNHCR icele uhulumeni waseGhana ukuthi aqinisekise ukuthi abantu baseBurkina Faso ababalekela udlame bayafinyelela kulelizwe bathole izindawo zokukhusela futhi kumiswe ukubuyiselwa kwababaleki emuva.

See Also

Le nhlangano yengeze esitatimendeni ukuthi isebenzisana neziphathimandla zaseGhana ukuqinisekisa ukuvikelwa kwabantu baseBurkina Faso abangaphezu kwezi-8 000, futhi isisungule isikhungo sokwamukela ababaleki emngceleni we-Upper East Region esimumatha abantu abayizi-4 000. Uhulumeni waseGhana awuzange uphendule ngokushesha esicelweni sokuphawula ngalezinsolo ezibhekiswe kuwo.

Scroll To Top