Asevuke kabusha amacala kaFukula osefunwa uthuli
AmaHawks e-Eastern Cape afuna noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi ukuphi umlisa oneminyaka engama-31 ubudala owavulela uMehluleli Omkhulu uRaymond Zondo kanye noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane amacala okuqamba amanga.
Umnu uPhadima Fukula wavulela laba bobabili icala lokuqamba amanga, kwathi uMabuyane wamvulela icala lokulimaza. Amacala amane aphenywe oKlebe ukuze bathole ubuqiniso bamacala abebekwa nguFukula. Okhulumela oKlebe e-Eastern Cape, uNdiphiwe Mhlakuvana, uthe abakwazanga ukuthola ukuthi ukuphi uFukula. “Akatholakalanga kuwo wonke amakheli akhe aziwayo, ngakho-ke kucelwa noma ngubani owaziyo ukuthi ukuphi athintane noLieutenant Mthyobile kulenombolo-071 481 2424. Isikhona vele imizamo yokuthola umkhondo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Yonke imininingwane etholakele izogcinwa iyimfihlo,” kusho uMhlakuvana.
