Now Reading
Umhlaziyi ubona uPutin engeke alubhade kuleli
Dark Light

Umhlaziyi ubona uPutin engeke alubhade kuleli

UMengameli kaKhongolose uMnu uCyril Ramaphosa uthe ingqungquthela ezayo yeBRICS ngeke yenziwe ngezindlela zokuxhumana zesimanje, kodwa kuzoba wumcimbi wamazwe wonke ayingxenye yayo ekufanele abekhona siqu.

Ekhuluma nabezindaba eBoksburg, eGoli, uRamaphosa nokho akazange azibophezele ekutheni uMengameli waseRussia uVladimir Putin uzowuhambela yini lo mcimbi.

Khonamanjalo, umhlaziyi wezepolitiki uRebone Tau, uthe mancane amathuba okuthi uPutin eze eNingizimu Afrika engqungqutheleni ngoNcwaba. Kube nokuqagela mayelana nokuba khona kukaPutin, njengoba esolwa yiInternational Criminal Court (ICC) ngondasa ngokuthumba izingane zase-Ukraine, futhi kwakhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.

Lokhu kusho ukuthi iNingizimu Afrika, engaphansi kwe-Rome Statute, kumele ibophe uPutin uma efika kulelizwe.

See Also

UTau uthe impi eqhubekayo phakathi kweRussia ne-Ukraine, ingase ibe yimbangela yokungabi bikho kukaPutin.

“Angicabangi ukuthi uMongameli uPutin uzoza lapha, isizathu ukuthi usempini futhi siyazi muva nje ukuthi kwenzekeni eMoscow. Akakwazi ukubhekana nobungozi bokuvele alishiye izwe ngalesi sikhathi samanje. Ngakho-ke, ngimbona engeke abekhona kulo mhlangano cishe ngoba kufanele ukhumbule ngomhlangano wongqongqoshe owawuseKapa, ​​yilapho konke okwenziwa khona. Manje, abelusi bahlanganisa nje inkulumo yomhlangano. Kodwa umhlangano wongqongqoshe yilapho zonke lezo zinqumo zithathwe khona.”

Scroll To Top