Isinqumo esingase sibuyise ukuthula eSenegal
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseSenegal, uMacky Sall, usekuvezile ukuthi ngeke alungenele ukhetho kabusha ngonyaka ozayo, lokhu ukusho enkulumeni yakhe ngoMsombuluko, eqeda ukuqagela ukuthi uzothatha ihlandla lesithathu ngesikhathi labo abamgxekayo bethi ngabe akukho emthethweni uma engenela ukhetho.
Amahemuhemu okuthi uSall uzozama ukwelula isikhathi sakhe sokubusa abhebhethekise iziyaluyalu kusukela ngowezi-2021 lapho kwabulawa khona inqwaba, okunyakazisa isithunzi saseSenegal sokuzola endaweni enokuthula.
“Kube nokuqagela nokuphawula okuningi ngokungenela kwami ukhetho ,” kusho uSall enkulumweni evezwe kwithelevishini. “Ihlandla lowezi-2019 bekuyihlandla lami lesibili nelokugcina. Isinqumo sami, esicatshangelwe ngokucophelela… Sithi angilungeneli ukhetho oluzayo ngoNhlolanja zingama-25, kowezi-2024. Futhi lokhu, nakuba umthethosisekelo unginika ilungelo,” kusho uSall.
Isimemezelo sikaSall cishe sizoqeda ukwesaba kokuhlehla kwentando yeningi eSenegal.
Abanye bebenovalo lokuthi uzolandela abanye abaholi bezifunda, okubalwa kubo e-Ivory Coast naseTogo, abasebenzise izinguquko kumthethosisekelo njengezaba zokusetha kabusha igunya labo nokwelula amandla abo.
Abaholi bezifunda, okuhlanganisa nomongameli waseNiger, Mohamed Bazoum kanye no-Umaro Sissoco Embalo waseGuinea-Bissau, basitusile isinqumo sikaSall, kwathi uBazoum wengeza ngokuthi sizodambisa ukungezwani.
Isinqumo sikaSall sizodala ukuthi kuthungathwe ozongena esikhundleni sokuhola iqembu elibusayo ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokhetho lwangoNhlolanja. Akukacaci ukuthi ngubani ozongenela amaqembu amaningi amakhulu.
Abalandeli ekomkhulu leqembu lakhe endaweni yezicukuthwane enhlokodolobha bahlukene phakathi ngoMsombuluko kusihlwa ngemuva kwenkulumo kaSall. Abanye bashaye ihlombe, abanye bekhala. “Lokho isinqumo sakhe, futhi ungumholi wethu. Siyasamukela isinqumo sakhe, futhi sizomeseka noma ngubani azomqoka,” kusho umlandeli wesifazane echiphiza izinyembezi.
Ngenyanga edlule izinxushunxushu zadalwa wukugwetshwa komholi weqembu eliphikisayo u-Ousmane Sonko iminyaka emibili ebhadla ejele ngamacala okudlwengula – izinsolo aziphikayo nathi zazinenhlese yepolitiki yokumvimba ukuthi angenele ukhetho.
Abavukeli, abebecasulwe yilokhu abakubona njengokulandelana kukaSall kwabamelene naye, bashise izakhiwo nezimoto bajikijela amaphoyisa ngamatshe, wona ase ephendula ngesisi esikhalisa izinyembezi. Okungenani bali-16 abantu abashonile kulezi zingxabano, abanye izihlobo zabo ezithi abezokuphepha bavulele ngenhlamvu kwasani futhi bengasebenzisi izinhlamvu zenjoloba.

