Ibonge abalandeli i-IFP inqoba eNkandla naseMthonjaneni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Inkatha Freedom Party KwaZulu-Natal izwakalisa ukubonga okukhulu kubavoti abaphume ngobuningi basiza leli qembu ekutheni linqobe okhethweni lokuchibiyela obeluyizolo ngoLwesithathu kuWadi 6 kuMasipala waseMthonjaneni nakuWadi 2 kuMasipala waseNkandla.
KuWadi 6 waseMthonjaneni, i-IFP ihlwithe ngempumelelo iWadi eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC).
Okugqamile ukuthi i-IFP inqobe ngendlela ecacile njengoba umehluko wezibalo ubuhlukene kakhulu. Inkatha ibe ithole ayi-1 377, i-ANC yalandela ngemumva ngama-727, kwathi i-Economic Freedom Fighters (EFF) yathola amavoti angama-48 kuphela.
Kube yesifanayo nakuWadi 2 Inkatha nakhona izinqobele kalula njengoba ibe namavoti ayi-1 363, kwathi i-ANC yaba nangama-383.
I-IFP iwina lamaWadi nje i-ANC ikwenze konke okusemandleni ukuthi iyinqobe njengoba ngesikhathi ikhankasa ibisebenzisa oNgqongqoshe namalungu ekhabhinethi.
Lokhu kunqoba kwe-IFP kuveza ngokusobala ukuthi abantu abasanakho ukuthemba iqembu elibusayo. Ngokusho kwe-IFP ithe lokhu kunqoba kwato kudalwa uMsunguli wayo uMntwana uMangosuthu Buthelezi.
“Umlando kaShenge uyaveza ukuthi uyisibonelo, nomuholi oqotho ohlezi ekuthakasela ukuzinikela ekulekeleni abantu bakithi ezweni.
Sidlulisa ukubonga kwethu kubo bonke labo abavotele i-IFP, amavolontiya ethu azinikele, kanye nazo zonke izinhlaka ezibambe iqhaza kule mpumelelo emangalisayo.
Njengoba sigubha lo mzuzu, siyala amakhansela ethu asanda kukhethwa ukuthi alingise imigomo yoMntwana uButhelezi. Athobeke kubantu aphinde azinikele ekuthuthukusweni umphakathi lapho aqokelwe khona” kusho isitatimende se-IFP.