Ukucishwa kukagesi kunomthelela omkhulu emnothweni: Kganyago



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMbusi weSouth African Reserve Bank (SARB) uLesetja Kganyago uthe ngenxa yomthelela wokucinywa kukagesi, umnotho wezwe usukhula ngesivinini esiphansi. UKganyago ubekhuluma engqungqutheleni yeSARB ebiseSoweto eningizimu yeGoli.
“Ukucishwa kukagesi kube nomthelela kwezomnotho, silindele ukuthi ukwehla kwamandla emali eNingizimu Afrika, umnotho waseNingizimu Afrika uzokhula ngo-0.4% kulo nyaka. Ukube bekungengenxa yokucishwa kukagesi, lo mnotho ubuzokhula ngokushesha ngo-2%, njengoba nje ubungafinyelela ku-2.3 noma u-2.4%, ukube bekungekona ukucinywa kukagesi.”
UKganyago uphinde wathi ukwehla kwamandla emali kuba nomthelela kwabampofu kakhulu. Umbusi uthe ngenxa yobhubhane lokhuvethe izwe liwele enkingeni.
Lokhu kwakusho ukuthi ukukhiqizwa akukwazanga ukuhlangabezana nesidingo, okuholela ekwenyukeni kwamanani okudla, uphethiloli phakathi kokunye. “Selokhu kwaqala ubhubhane lokhuvethe oluphazamise izimpilo zethu nokwaba nomthelela ekuntengantenganeni komnotho kanye nobunzima emhlabeni wonke kanye neNingizimu Afrika ayisindanga nokuthi umnotho wethu uwele phansi ngenxa yokhuvethe.”