UMengameli waseSenegal uMacky Sall uthe uzosithobela ngokugcwele isinqumo seNkantolo esachitha ukuhlehliswa kokhetho lukamengameli lube nguZibandlela, wathembisa ukuthi kuzoba nezingxoxo zokuhlela ukhetho ngokushesha okukhulu.
Uhlelo oluvuselelwe lweBrithani lokuthumela abafuna ukukhoseliswa eRwanda luzophuca izinkantolo amandla okucubungula izinqumo kanye nengozi yokubhekana "nomonakalo omkhulu emalungelweni abantu", kusho isikhulu samalungelo abantu e-United Nations ngoMsombuluko.
UMkhandlu Wezokuphepha we-United Nations uthi ukhathazekile ngokwanda kodlame empumalanga yeDemocratic Republic of Congo. Lokhu kulandela imibiko yokuhlasela ngeSonto ekuseni esikhumulweni sezindiza iGoma International Airport.
Kubulawe umfundi edolobheni laseSenegal, iSaint-Louis phakathi nemibhikisho enodlame yangoLwesihlanu ephikisana nokuhlehliswa kokhetho lukamongameli, kusho uMnyango Wezangaphakathi.
Umbutho wezokuvikela kuleli iSouth African National Defence Force (SANDF) usukuqinisekisile ukushona kwamalungu amabili ngemuva kokuhlaselwa eDemocratic Republic of Congo (DRC) izolo.
IHhovisi likaMengameli likuqinisekisile ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa uyalele ukuthi kujutshwe amalungu eSouth African National Defence Force (SANDF) ayizi-2 900 empumalanga yeDemocratic Republic of Congo.
IZimbabwe ihlele ukwenza izithangami ngokubulawa kwabantu okwaziwa ngokuthi iGukurahundi okwenzeka phakathi kowe-1982 kuya kowe-1986, lapho izinkulungwane zabantu abakhuluma isiNdebele bavalelwa, bahlukuluzwa, badlwengulwa futhi babulawa ngamabutho kaHulumeni.
Abezokuphepha eSenegal ngoLwesihlanu babhekane nezinkumbi zababhikishi abaphikisana nokubambezeleka kokhetho lukaMengameli, njengoba uNgqongqoshe Wezobulungiswa echithile izinsolo zokuthi ukuhlehla bekuyimizamo yokuthatha izintambo zokuphatha.
Irokhethi yashaya eduze kwenyuvesi edolobheni laseCongo, iGoma njengoba izinkulungwane zezakhamuzi zibalekela umkhankaso wamavukelambuso eM23 asabisa ngokuthatha leli dolobha elinabantu ababalelwa ezigidini ezimbili.
UMengameli waseSenegal uMacky Sall unqume uluhlehlisa ukhetho ngenxa yombango oqhubekayo mayelana nohlu lwabazongenela ukhetho kanye nezinsolo zenkohlakalo ngaphakathi kwenhlangano yoMthethosisekelo ebiphethe lolu hlu.
Amasosha ase-Ethiopia abulale abantu abangaphezu kwama-50 ngesonto eludlule edolobheni elisesifundeni i-Amhara ngesikhathi kuseshwa indlu ngendlu kulandela ukulwa namasosha endawo, kusho izakhamuzi ezintathu ezitshela abeReuters.
Inkantolo yaseKenya ikwenqabele ukuthunyelwa kwamaphoyisa aseKenya ayi-1 000 eHaiti, lesi sinqumo sibeka engcupheni umbutho wezokuphepha…...
I-African Union (AU) ngoLwesibili icele ukuthi kube nezingxoxo phakathi kwe-Economic Community of West African States (ECOWAS) namazwe aholwa wumbutho aziwa ngeJunta.
Isivumelwano se-Ethiopia sokuqashisa ichweba esifundeni esahlubuka saseSomalia, iSomaliland, sicasule uhulumeni eMogadishu futhi sesenze nokukhathazeka ngokuthi sizophinde sidale uqhekeko kwisifunda esaziwa nge-Horn of Africa.
Umkhandlu womthethosisekelo waseSenegal ngoMgqibelo ukhiphe uhlu lokugcina lwabangama-20 abazongenela ukhetho lobuMengameli ngoNhlolanja kulonyaka.
Nakulokhu ukuqala konyaka kuphinde kwaveza usizi lwaminyaka yonke lwabantu baseZimbabwe abeqa umngcele iBeitbridge ngokungemthetho bangene kuleli ngenhloso yokuthola impilo encono.
Inhlangano yezohwebo i-East African Community (EAC) inxuse iziphathimandla zaseBurundi naseRwanda ukuthi zisebenzise izindlela ezinokuthula zokuxazulula ukungaboni ngasolinye ukuze kuzuze isifunda.
Cishe amasosha ayizi-2 000 eNhlangano Yezizwe azophuma ezindaweni ezisempumalanga yeDemocratic Republic of Congo ekupheleni kukaMbasa esigabeni sokuqala sokuhoxa kophiko lokugcinwa kokuthula kuleliya lizwe.
Izikhulu zaseSomalia zithi indiza enophephela emhlane ibithwele abagibeli abayisishiyagalolunye, oyedwa wabo washona.
UMengameli u-Evariste Ndayishimiye uphinde wagxeka ohulumeni baseNtshonalanga athi banemibandela yokuhlinzeka ngosizo ekwamukeleni amalungelo abathandana nobulili obufanayo.
Kushone abantu abangama-20 kwathi iziboshwa ezibalelwa kwizi-2 000 zeqa ngesikhathi kuhlaselwa isikhungo samasosha, ijele nezinye izindawo eSierra Leone.
UJoseph Boakai uqokwe njengoMengameli waseLiberia ngamavoti angama-50.64%, ehlula uMengameli uGeorge Weah othole ama-49.36%, ngokwemiphumela yokugcina emenyezelwe yikhomishini ngoMsombuluko.
Iqembu lakhe lifuna imiphumela yokhetho imenyezelwe esikhungweni sokuvota ngokungafani nokhetho langowezi-2018
Amasosha, umbutho wezomoya, amaphoyisa kanye nophiko lwezokuphepha lukahulumeni bahola umkhankaso wokuhlenga izisulu ezisele ngemuva kokuthi uTinubu eyalele abezokuphepha ukuba balandele abathumbi.