IZimbabwe izobamba izithangami ngokubulawa kwabantu



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IZimbabwe ihlele ukwenza izithangami ngokubulawa kwabantu okwaziwa ngokuthi iGukurahundi okwenzeka phakathi kowe-1982 kuya kowe-1986, lapho izinkulungwane zabantu abakhuluma isiNdebele bavalelwa, bahlukuluzwa, badlwengulwa futhi babulawa ngamabutho kaHulumeni.
Nakuba izibalo zikhomba ukuthi bangaphezu kwezi-20 000 abantu ababulawa, uHulumeni waseZimbabwe, oholwa ngowayenguMengameli ongasekho, uRobert Mugabe, usamile kwelokuthi kwakuwukubhekana abantu ababengahambisani nomthetho esikhundleni sokuqothula kohlanga oluthize.
UMengameli u-Emmerson Mnangagwa uzama ukuvala isahluko esimnyama emlandweni weZimbabwe. UMnangagwa unike abaholi bomdabu umsebenzi wokuhola izinhlelo zokubonisana emiphakathini yabo.
Usekela Mengameli weZimbabwe National Chiefs Council , uFortune Charumbira ukuvezile ukuthi banesifiso sokuthola konke okwenzeka lapho ebeka imizekelo ngezwe iRwanda, nalo eladlula esehlakalweni esifanayo esinyantisa igazi
UCharumbira uthi, “Abanye bathi ingaphela le Gukurahundi? Kungenzeka yini zonke izinhlangothi zihlambuluke? Uma ulalela indaba yaseRwanda lapho phakathi nezinyanga ezintathu uMbasa, uNhlaba noNhlangulana, kwathi sekunguNtulikazi- abantu abayisigidi base bebulewe. Futhi namuhla iya eRwanda, ingenye enokuthula kakhulu ezwenikazi. Ngakho-ke uma iRwanda yabhekana nesimo esinjena, kungani abantu baseZimbabwe okuthiwa bafunde kakhulu behluleka ukukhohlwa le ndaba?”
Inselelo enkulu eke yaholela ekutheni kumiswe ukuxoxa ngalolu daba kwaba ukungavumi kukHhulumeni amacala noma izenzo zawo ezaholela kulesi sigameko. Ukubulawa kwabantu kwakuholwa ngamabutho kaHulumeni wona ayeholwa yiFifth Brigade eqeqeshwa eNorth Korea. Ezinye izisulu zifuna kuvunywe ukuthi lezi zigameko zokubulala kwabe kungukuqothulwa kohlanga.
Kepha uCharambira uyaphikisana nalesi siphakamiso lapho ethi “Lokhu akumayelana nokuqothulwa kohlanga oluthile, lokho akube yisiphetho esiqhamuka kwaba yizisulu uma lonke uhlelo seluphelile. Kepha esikwaziyo ukuthi nalowo ongasekho uJoshua Nkomo, wayekuphikisa ukuthi lokhu kwakungukuqothulwa kohlanga oluthile kepha futhi wavuma ukuthi lapha kwakubhekene ababengahambisani nomthetho kanye namabutho okwaholela ekubulaweni kwabantu ababemsulwa, kepha kungakona ukuqothulwa kohlanga oluthile.”
UNobhala wezolwazi eZimbabwe, uNick Mangwana uthemba ukuthi lolu hlelo oluzoholwa ngabaholi boMdabu luzogcina ngokuthi imndeni eyahlukunyezwa neyalahlekelwa ithole ukuthobeka kanye nezwe lonke uqobo. UMangwana uthe, “Kuvumelekile ukuthi abantu bakhulume ngokukhululeka … sisesikhathini sokupholiswa kwamaxeba.”
Izinduna ezingama-72 ezabelweni zeMatabeleland North kanye neSouth kulindeleke ukuba zihole lolu hlelo, zikhangelelwe ukukhokhela lolu hlelo, zikhuthaza abahlukunyezwa ukuxoxa ngokwenzakala ukuze kuvalwe isahluko futhi kupholiswe isizwe.