UMengameli uTinubu ulwa nesihlava seminyaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ENigeria Abafundi nabasebenzi abali-16 bakhululwe ngemuva kokuthunjwa oshayasibhamu abahlasele inyuvesi enyakatho-ntshonalanga yesifunda iZamfara ngesonto eledlule, kusho iziphathimandla zenyuvesi ngoMsombuluko.
Izinkinga zokuphepha zingenye yezinselelo ezinkulu ezibhekene noMengameli uBola Tinubu (osesithombeni), osazocacisa ngezinhlelo zakhe zokuqeda ukuthunjwa, udlame lwamaqembu ezigelekeqe kanye nobandlululo eningizimu-mpumalanga kanye nokungqubuzana kwabalimi nabelusi esifundeni esisenyakatho emaphakathi.
IFederal University Gusau ithe esitatimendeni ukuhlasela kudale ukushuba kwesimo esikhungweni kanti abafundi bakhathazekile ngokuphepha kwabo.
“Kungenxa yalesi sizinda lapho sinxusa abafundi nabasebenzi ukuthi behlise umoya baqhubeke nokwenza imisebenzi yabo evamile kuyilapho abezokuphepha benza konke okusemandleni ukuhlenga abafundi abasele nabanye abantu abasathunjiwe,” kusho inyuvesi. Abafundi abali-14 nabasebenzi ababili bakhululiwe, kusho isitatimende.
Amasosha, umbutho wezomoya, amaphoyisa kanye nophiko lwezokuphepha lukahulumeni bahola umkhankaso wokuhlenga izisulu ezisele ngemuva kokuthi uTinubu eyalele abezokuphepha ukuba balandele abathumbi.
Ukuthunjwa kwabafundi, okwake kwaba iqhinga elibi lamaqembu ahlomile lokusabisa abantu, sekuphenduke imboni engenisa imali emaqenjini ahlomile afuna ukukhokhelwa.
NgeSonto, oshayasibhamu babulale abantu abayisishiyagalombili bathumba abanye abangama-60 emiphakathini emibili yaseZamfara, ebangeni elingamakhilomitha angama-60 ukusuka enyuvesi.
Enyakatho-mpumalanga eNigeria, abasolwa ngokuba ngamavukelambuso bavimbe izimoto eziphelezelwa ngamasosha, babulala amasosha amabili kanye nezakhamuzi ezine, kusho umthombo wamaphoyisa nomshayeli wezimoto ozibonele kuhlasela.