Now Reading
Ikhasi elisha: Izwe elasungulwa yizigqila linomengameli omusha
Dark Light

Ikhasi elisha: Izwe elasungulwa yizigqila linomengameli omusha

UJoseph Boakai uqokwe njengoMengameli waseLiberia ngamavoti angama-50.64%, ehlula uMengameli uGeorge Weah othole ama-49.36%, ngokwemiphumela yokugcina emenyezelwe yikhomishini ngoMsombuluko. Ngesikhathi u-Boakai ethola indawo eKolishi lase-Liberia elihlonishwayo eNtshonalanga Afrika ngeminyaka yawo-1950, wasiza ekukhokheleni imali yakhe yokufunda  ngokusebenza njengomsizi wesikole, ehlanza isikole nezindlu zangasese ebusuku ebe efunda emini, umkhulumeli wakhe u-Amara Konneh etshela abeReuters.

Abalandeli bakhe  bathi ukuzikhandla kwakhe, ukuzithoba kanye nesipiliyoni yikhona okufunwa ngabavoti ngemuva kweminyaka eyisithupha yokubusa kuka-Weah okwaqale kwaletha ithemba, udumo nobukhazikhazi ehhovisi likamengameli kodwa kwaphazanyiswa inkohlakalo nezinxushunxushu zokuphatha.  “UBoakai kimi ubukeka njengomkhulu, umuntu obungamethemba ngempilo yakho. Futhi manje sesimethemba ngempilo yezwe,” kusho isazi nesishoshovu uRobtel Neajai Pailey.

 Ubhekene nomsebenzi omkhulu wokwakha kabusha iRiphabhulikhi endala yase-Afrika eyasungulwa yizigqila ezakhululwa emazweni aseMelika ngowe-1822 kodwa eke yathwala kanzima ukuphuma ezimpini zombango ezimbili ezabulala abantu abangaphezu kwezi-250 000 phakathi kowe-1989 nowezi-2003, kanye nobhubhane lwe-Ebola lowezi-2013-16 okwafa kuyo izinkulungwane. Umnotho ukhule ngamaphesenti a-4.8 ngowezi-2022, uqhutshwa ukukhiqizwa kwegolide kanye nesivuno esihle serayisi nomdumbula, kodwa ngaphezu kwama-80% wabantu balelizwe eliseNtshonalanga Afrika abayizigidi ezi-5 basabhekene nokungavikeleki kokudla okulingene noma okunzima, kubonisa idatha yeBhange Lomhlaba.

See Also

Ukusetshenziswa kwezidakamizwa kuyanda entsheni engasebenzi, kusho izikhulu. Ukusebenza kukagesi akuthembakali kuyo yonke indawo yasemaphandleni enamahlathi, futhi imigwaqo enemigodi ivimbela ukuhamba. Ngonyaka odlule iLiberia yayikleliswe kabi ohlwini lwenkohlakalo lweTransparency International, iphuma endaweni ye-142 emazweni ayi-180.

Scroll To Top