Now Reading
Ababhikishi bangqubuzana namaphoyisa ngokuhlehliswa kokhetho eSenegal
Dark Light

Ababhikishi bangqubuzana namaphoyisa ngokuhlehliswa kokhetho eSenegal

Abezokuphepha eSenegal ngoLwesihlanu babhekane nezinkumbi zababhikishi abaphikisana nokubambezeleka kokhetho lukaMengameli, njengoba uNgqongqoshe Wezobulungiswa echithile izinsolo zokuthi ukuhlehla bekuyimizamo yokuthatha izintambo zokuphatha.

Ngaphansi kwamasonto amathathu ngaphambi kokuvota mhla zingama-25 kwefile, iPhalamende livotele ukuthi lihlehliselwe uZibandlela ukhetho, nokugcizelela ukwelulwa kwegunya likaMengameli uMacky Sall osekubangele ukwesaba ukuthi enye yezindawo zentando yeningi ezisasele ekuketulweni kombuso eNtshonalanga Afrika isengcupheni.

Enhlokodolobha iDakar, amaphoyisa abehlomile aqhumise isisi esikhalisa unyembezi, amaStun Grenades kanye nokubukeka njengezinhlamvu zenjoloba kubabhikishi abebeshisa amathayi bejikijela namatshe, kulesi sibhicongo esibi kakhulu ngenxa yokubambezeleka, kusho intatheli yeReuters.

Abanye bababhikishi baphakamise amafulegi aseSenegal, kuyilapho abanye bememeza iziqubulo ezinjengokuthi ‘UMacky Sall ungundlovukayiphikiswa’.

See Also

 “Sikulungele ukunikela ngempilo yethu ukuze abantu bakhululeke, ukuze iSenegal ikwazi ukuqeda ngombuso kaMacky Sall,” kusho omunye umbhikishi emi eduze kwenqwaba yamathayi avuthayo.

Ababhikishi baphinde babhekana namaphoyisa edolobheni iTouba bashisa amathayi ezimpambanweni zomgwaqo ezingaphandle kwedolobha iMbacke, izakhamuzi zitshele abeReuters. Izinga lezi zinxushunxushu lizokwengeza ukwesaba ukuthi iSenegal izobhekana nokuntengantenga isikhathi eside kulandela ukuhlehliswa kwalolu khetho.

Scroll To Top