Now Reading
Asale enkundleni amabili eDRC
Dark Light

Asale enkundleni amabili eDRC

Umbutho wezokuvikela kuleli iSouth African National Defence Force (SANDF) usukuqinisekisile ukushona kwamalungu amabili ngemuva kokuhlaselwa eDemocratic Republic of Congo (DRC) izolo.

Amanye amalungu amathathu alimalile aphuthunyiswa esibhedlela esiseduze eGoma ukuze athole usizo lwezempilo, ngokwesitatimende seSANDF.

ISANDF isanda kutshala amalungu ayizi-2 900 njengengxenye yeSouthern African Development Community Mission eDRC (SAMIDRC). Inhloso yalo mkhankaso ukusekela nokusiza uHulumeni waseCongo emizamweni yawo yokusungula ukuthula, ukuphepha kanye nokuzinza esifundeni esisempumalanga esikhungethwe izingxabano.

Okhulumela uMengameli uVincent Magwenya ukuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi amasosha athunyelwe eDRC azobamba iqhaza ekulweni namaqembu ahlomile ngokungemthetho ezifundeni ezisempumalanga yeDRC.

See Also

UMagwenya uthe: “Ekugcwaliseni isibopho seNingizimu Afrika samazwe ngamazwe mayelana nomkhankaso weSADC wokweseka iDRC, uMengameli Ramaphosa uyalele ukuthi kuthunyelwe uMbutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika, ukuze usize ekulweni namaqembu ahlomile ngokungekho emthethweni empumalanga yeDRC. Isibopho sokunikela ngamasosha kumishini yeSADC eDRC sithwalwa yiwo wonke amazwe angamalungu eSADC.”

Scroll To Top