Abe-UN bakhathazekile ngodlame lwaseDRC



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMkhandlu Wezokuphepha we-United Nations uthi ukhathazekile ngokwanda kodlame empumalanga yeDemocratic Republic of Congo. Lokhu kulandela imibiko yokuhlasela ngeSonto ekuseni esikhumulweni sezindiza iGoma International Airport.
Ngokweziphathimandla, kuqhunyiswe amabhomu amabili esikhumulweni sezindiza kwisigameko sangeSonto silandela esinye lapho amavukelambuso eM23 kubikwa ukuthi abulale amasosha amabili aseNingizimu Afrika alimaza amanye amathathu.
Izikhulu zaseCongo zithi bekuhloswe amajet fighters amabili asetshenziselwa ukuqhumisa amabhomu kwezinye izindawo lapho kukhona amavukelambuso eM23. Kukholakala ukuthi amavukelambuso yiwo abaphehla lezi zigameko.
INingizimu Afrika itshale amasosha angama-900 eDRC ukuyosiza uHulumeni ukubhekana nezinxushunxushu esifundeni lapho izinkulungwane zabantu zibalekela khona.