Now Reading
Inkantolo yaseKenya ivimbe ukuthunyelwa kwamaphoyisa eHaiti
Dark Light

Inkantolo yaseKenya ivimbe ukuthunyelwa kwamaphoyisa eHaiti

Inkantolo yaseKenya  ikwenqabele ukuthunyelwa kwamaphoyisa aseKenya ayi-1 000 eHaiti, lesi sinqumo sibeka engcupheni umbutho wezokuphepha wamazwe ngamazwe oqokolwe ukuthi usimamisa leli lizwe elisesiqhingini iCaribbean elihlaselwe yizinxushunxushu ngaphambi.

Lo mbutho, owesekwa yi-United Nations  futhi oxhaswe yi-USA, uke wamiswa kusukela ngoMfumfu nyakenye, ngesikhathi abamelene naleli thimba baseKenya bewuphikisa enkantolo, bethi awuhambisani nomthethosisekelo. INkantolo Ephakeme yazisekela lezo mpikiswano ngoLwesihlanu owedlule, okwenza kube nokungabaza umzamo wakamuva wamazwe ngamazwe wokuhlenga izwe elimpofu eliqhubekayo nokungena obishini odlameni nasekungazinzini.

“Ngalokhu kukhishwa umyalo owenqabela ukuthunyelwa kwamaphoyisa eHaiti nanoma yiliphi elinye izwe,” kusho uMehluleli uChacha Mwita ekuphetheni kwesinqumo esithathe imizuzu engaphezu kwengama-40 ukufundwa.

Lo mbutho wamazwe ngamazwe wawuhloselwe ukusiza ukunqamula amandla amaqembu ezigebengu ahlomile alawula ingxenye enkulu yenhlokodolobha yaseHaiti, iPort-au-Prince, futhi asephendule iHaiti yaba elinye lamazwe ayingozi kakhulu emhlabeni. Uhulumeni waseHaiti unxuse amasosha angaphandle ukuthi abuyisele ukuthula, kodwa i-United States of America neCanada bebengazimisele ukuthumela amasosha abo azobhekana nalesisimo.

IKenya ivumile ngonyaka owedlule ukuhola lo mkhankaso, isekelwa yiWashington, eyathembisa izigidi ezingama-$200. Lo mbutho bekuhloswe ngawo ukuthi ugcine usukhuphuke ufike kwizi-3,000.

Kepha ambalwa nje amazwe aseCaribbean aphumele obala ukuze anikele ngamaphoyisa, futhi umyalelo wenkantolo ngoLwesihlanu uphakamise imibuzo mayelana nokuthi ngabe azothunyelwa yini maduze lamaphoyisa.

See Also

Yize amasosha aseKenya ebambe iqhaza ezinhlelweni eziningi zokugcina ukuthula ze-UN emazweni afana neLiberia, Sierra Leone kanye neSudan, inkantolo inqume ukuthi uhulumeni waseKenya akazange ayilandele inqubo efanele yokugunyaza ukuthunyelw kwamasosha eHaiti – nakuba kubonakala sengathi kushiya isikhala sokuthi kuqhubeke. Uhulumeni waseKenya uthe uzosiphikisa lesi sinqumo.

Lapho zichaza izizathu zabo zokuba ingxenye umsebenzi oyingozi ezweni elikude, izikhulu zaseKenya ziveze ubudlelwane bezwe labo namazwe akwiCaribbean kusukela kwisigomagoma, uJomo Kenyatta. Ukucatshangelwa kwezimali kungase kube nendima futhi kulesinqumo sezikhulu njengoba amazwe amaningi asathuthuka abheka ukuthunyelwa kwezokuphepha kwamazwe ngamazwe njengendlela yokuxhasa noma yokuklomelisa amabutho awo ezokuphepha.

Noma kunjalo, abantu abaningi baseKenya banemibuzo yokuthi engabe ukuthumela amaphoyisa ngaphandle kufanele yini. Umphakathi waseKenya uyabazwela abalimele kanti ukushona kwamasosha aseKenya athunyelwe ezweni elingumakhelwane iSomalia ukuyolwa namaphekula e-Al Shabab kuvame ukuvusa intukuthelo emphakathini. Noma yikuphi okunye ukufa okuvela kumkhankaso waseHaiti kungase kubangele ukugxekwa kukahulumeni kaMengameli uRuto, osuvele ubhekene nokuwohloka komnotho okukhulu.

Scroll To Top