Now Reading
Amasosha ase-Ethiopia abulala abantu abangaphezu kwama-50 e-Amhara: Izakhamuzi
Dark Light

Amasosha ase-Ethiopia abulala abantu abangaphezu kwama-50 e-Amhara: Izakhamuzi

Amasosha ase-Ethiopia abulale abantu abangaphezu kwama-50 ngesonto eludlule edolobheni elisesifundeni i-Amhara ngesikhathi kuseshwa indlu ngendlu kulandela ukulwa namasosha endawo, kusho izakhamuzi ezintathu ezitshela abeReuters.

Izigameko zokubulawa kwabantu ezibikiwe edolobheni iMerawi zibukeka zingezinye zezigameko ezimbi kakhulu kule mpi, eyaqubuka ngoNtulikazi nyakenye phakathi kombutho wezwe namasosha ahlomile iFano nokuholele ekufeni kwabantu abangaphezu kwama-200, ngokusho kwemibiko ye-UN ngonyaka odlule.

Abakhulumeli bombutho wase-Ethiopia kanye noHulumeni kanye nabaphathi besifunda i-Amhara abazange baphendule ngokushesha izicelo zokuthi baphawule mayelana nokubulawa okubikwe eMerawi.

Lesi sigameko silandela izingxabano phakathi kwamasosha neFano ngoMsombuluko, kusho izakhamuzi ezintathu kanye nomunye oyingxenye yeFano obekhona kule mpi. Bonke bakhulume ngaphandle kokuthi kudalulwe amagama abo bathi besaba ukuhlaselwa, ngesizathu salokho abakwaReuters abakwazanga ukuqinisekisa ngokuphelele lokhu abakushilo bona siqu.

Ikhomishini eqokwe wumbuso i-Ethiopian Human Rights Commission (EHRC) ibhale phansi inqwaba yezinsolo zokuhlukumeza ngesikhathi kuqhubeka ingxabano, iningi lazo elithe ngenxa yamasosha kahulumeni. Lokhu kuhlanganisa nokubulawa kwezakhamizi ekuseshweni kwemizi ekuhlaseleni ngezomoya, okubhalwe ngabakwaReuters.

Uhulumeni akakaphenduli ezinsolweni ezithile zokuhlukunyezwa ngesikhathi sengxabano yase-Amhara. Wathi (uhulumeni) ngoLwezi umbiko we-EHRC ngale ndaba awunakho ukulingana nokuthi izenzo zamasosha esifundeni zazihloselwe ukuqinisekisa umthetho nokuhleleka kanye namalungelo ezakhamuzi.

Ihhovisi le-EHRC enhlokodolobha yase-Amhara iBahir Dar lithe liyitholile imibiko yokubulawa kwabantu eMerawi, idolobhana elinabantu ababalelwa kwizi-35,000, futhi lisebenzela “ukuqinisekisa nokuthola ukuthi zingaki izisulu zabantu”.

Ngemva kokuba amasosha eFano ehambile eMerawi, amasosha aqala ukungena umuzi nomuzi ebulala abantu, kusho izakhamuzi ezintathu, ezimbili zazo ezithi zacasha ezindlini zazo amahora amaningi. Owesithathu ubengekho edolobheni ngesikhathi sokubulala wathi ukhulume nomakhelwane ngokwenzekile.

Isakhamuzi sokuqala sithe sibambe iqhaza ekungcwatshweni kwezidumbu ezingama-32 ethuneni elilodwa esigodlweni sezindela futhi sitshelwe omakhelwane mayelana nokungcwatshwa kwezidumbu ezingama-20 endaweni yasemakhaya kanye nezinye ezingama-20 emathuneni amaSulumane.

See Also

Isakhamuzi sesibili sithe sibone kungcwatshwa abantu abangama-65. Owesithathu, obengaphandle kwedolobha, uthe utshelwe ngumngani wakhe eMerawi ukuthi okungenani bangama-51 abantu abangcwatshiwe.


Lezi zakhamuzi zithe zikholelwa ukuthi amasosha ayezijezisa ngesenzo seFano kodwa zathi zona azihlanganise lutho nayo.

Ingxabano yase-Amhara yaqubuka kungakapheli unyaka uHulumeni efinyelele esivumelwaneni sokuthula ngoLwezi wezi-2022 sokuqeda impi yombango yeminyaka emibili esifundeni esingumakhelwane iTigray eyabulala amashumi ezinkulungwane zabantu.

Amasosha iFano alwe kanye nombutho wezwe ngesikhathi ubhekene namasosha aseTigrayan, kodwa ubudlelwano phakathi kwalezi zinhlangothi zombili bashesha baba muncu, ngokwengxenye ngenxa yesivumelwano sokuthula abeFano sashiya i-Amhara isengozini yokusongelwa kwezokuphepha ezivela ezifundeni ezingomakhelwane.

Scroll To Top