Seyidlule nomfundi imibhikisho yokhetho eSenegal: UMnyango
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kubulawe umfundi edolobheni laseSenegal, iSaint-Louis phakathi nemibhikisho enodlame yangoLwesihlanu ephikisana nokuhlehliswa kokhetho lukamongameli, kusho uMnyango Wezangaphakathi.
Ukungqubuzana phakathi kombutho wezokuphepha nababhikishi kuhlasele inhloko-dolobha yaseSenegal namanye amadolobha ngoLwesihlanu, okuwukuqubuka kwezinxushunxushu okokuqala ngqa ngenxa yokubambezeleka kokhetho abaningi abanovalo lokuthi kungase kubangele ukuntengantenga kwesikhathi eside kwaleliyalizwe.
Esitatimendeni uMnyango uthe ubikelwe ngokushona komfundi u-Alpha Yero Tounkara futhi kuzoba nophenyo, kodwa uyaphika ukuthi amasosha awo anecala. “Abezokuvikela abazange bangenelele ukuze kugcinwe ukuthula esikhungweni senyuvesi lapho kushone khona umfundi,” kusho isitatimende.
Bekungakacaci ukuthi imibhikisho izoqhubeka yini nakulelisonto. Okunye ukungezwani okunodlame nabezokuphepha kuzofaka ukwesaba ukuhlehla kwentando yeningi.
Esikhathini esingaphansi kwamasonto amathathu ngaphambi kokhetho lomengameli olwaluhlelelwe umhla zingama-25 kuNhlolanja, iphalamende lavotele ukuhlehlisa usuku lokuvota libe ngoZibandlela, kwaqinisekiswa ukwelulwa kwegunya likaMengameli uMacky Sall, osekuveze ukukhathazeka ngokuthi elinye lamazwe angaphansi kwentando yeningi esele ekuketulweni kombuso eNtshonalanga Afrika isengcupheni.
USall, osefinyelele umkhawulo wakhe wamahlandla amabili ngokomthethosisekelo, uthe ulibambezele ukhetho ngenxa yezingxabano athe zisongela ukwethembeka kohlelo lokhetho, kodwa abanye bamaqembu aphikisayo bakugxekile lokhu ngokuthi “ukuketula umbuso.”