Kubuyiswe uSithole kwiBafana Bafana eyodlala imidlalo emiqoka
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuvele igama likaSiphephelo “Yaya” Sithole kubadlali abangama-23 ababizwe eqenjini leBafana Bafana elizodlala imidlalo yokugcina ukuhlungela yeNdebe YoMhlaba ezokuba ngonyaka.
USithole bese kuphele isikhathi esingangonyaka engabonakali engabizwa kusukela alimala kabuhlungu nyakenye iBafana Bafana ibhekene neSouth Sudan.
Ukuba kwalo mdlali oyibamba esiswini uzobanga indawo noSipho Mbule, Thalente Mbatha noBathusi Aubaas.
IBafana Bafana izodlala imidlalo emibili imi emqoka ngomhla zili-10 izobhekana neZimbabwe, eMoses Mabhida Stadium bese kuthi mhla zili-14 kwephezulu ibhekane neRwanda eMbombela Stadium.
Elakuleli eliqeqeshwa uHugo Broos liya kule midlalo nengcindezi yokuthi kumele liwine yomubili, njengoba ilingana neBenin ngamaphuzu ali-14 emva kwemidlalo eyi-8.
UBroos uthe akusona isikhathi sokukhombana ngeminwe ngoba iphutha liyenzeka, kanti sibe side isikhathi phakathi kwale midlalo okwaphuma kuyona amakhadi futhi kunemidlalo yokuhlungela i-Afcon phakathi kwayo.

