Now Reading
OweDurban City FC ufuna beqhubeke nokujabulisa abalandeli babo
Dark Light

OweDurban City FC ufuna beqhubeke nokujabulisa abalandeli babo

Esinye sezithenjwa seDurban City FC uSamkelo Maseko ufuna bewunqobe noma ikanjani umdlalo wabo nePolokwane City FC, abazotholana nayo phezulu koweCarling Knockout Cup.

Lo mdlalo ophakathi kwalamaqembu uzobanjelwa eChatsworth Stadium, kulindele uqale ngele-19:00 kusihlwa.

“Imimoya mihle kakhulu ejimini wonke umdlali uzimisele ukuthi athole ithuba lokudlala. Ukunqoba kwethu lo mdlalo kuzosiza kakhulu ngokuthi labadlali abeqiwa ijezi, umqeqeshi abanikeze ithuba” kusho uMaseko.

Lo mdlali odlala ezinhlangothini phambili kusukela efike ngesizini edlule kuleli qembu uyalisiza kakhulu, kule sizini iqaleli emidlalweni eyi-9 ushaye amagoli amabili.

“Njengoba sidlala ekhaya kuzomele senze konke okusemandleni ukuthi siyanqoba sijabulise abalandeli bethu. Kusukela ngesizini edlule ngifike kuleli qembu abalandeli bethu bahlezi besiseka. Ngoba umdlalo wethu asikungabazi ukuthi bazophuma ngobuningi babo ngalokho ngeke sabaphoxa” kubeka uMaseko.

See Also

IDurban City FC uma idlala ekhaya irekhodi layo lisalihle kakhulu njengoba kule sizini isidlale imidlalo emine, kuyona ikwaze ukunqoba emithathu yadlala ngokulingana kowodwa.

Kwilogi leli qembu eliqeqeshwa uGavin Hunt lihlezi endaweni yesine, linamaphuzu ali-15 emva kwemidlalo eyi-9.

Scroll To Top