Abalandeli beZimnyama kabamethembe umqeqeshi omusha
by Anathi Mtaka
June 23, 2025
Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ngesikhathi i-Orlando Pirates imemezela uJose Riveiro njengomqeqeshi wayo omusha kumasizini edlule, kwaba nolukhulu ungabazane ngoba wayengenalo irekhodi elihle.
Kwaze kwavela igama elithi “Plumber”, kodwa uthe eseshiya saba sikhulu isililo ngoba ubeseyibuyisile injabulo kweZimnyama ngokunqoba izinkomishi.
Namuhla iPirates yethule u-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi wayo omusha, kodwa sekukuningi ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana. Ukukhuluma kutshengisa ukungayizwa kahle indaba yalo mqeqeshi waseMorocco.
Umbuzo uthi kungani besheshe bamehlulela u-Ouaddou, kanti abafundanga yini kuRiveiro.

