Belilikhulu izinga kwimidlalo yaseMfolozi yokuhlonipha uDkt BV Mthethwa
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.



UNgqongqoshe weZemidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula uncome iMeya yakuMasipala uMfolozi uXolani Bhengu ngakwenzile ukuhlonipha uDkt Bhekisisa “BV” Mtethwa ngemidlalo yeqophelo eliphuzulu.
Imidlalo ebiqala nonyaka ukubizwa nge-Dr BV Mthethwa Mayoral Tournament iqale ngoLwesihlanu kwaze kwaba iSonto, yonke imidlalo ngokuhlukana kwayo ibibanjelwe eSiyabonga Sangweni Sports Complex.
“SiwuMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko esifundazweni iKwaZulu-Natal noHulumeni nje wonke siyamncoma kakhulu uNgcolosi (abakaBhengu) ngakwenzile, ukuba ahloniphe umuntu owabamba iqhaza elikhulu kuloMasipala nakwisifunda iKing Cetshwayo. Ngithe mangifika lana ngabamba ongezansi ngento engiyibonile lapha inkulu ngendlela eyisimanga” kubeka uKhawula.
Kule midlalo iDkt BV Mthethwa bekunezemidlalo ezehlukahlukene okubalwa ibhola likanobhutshuzwayo labesilisa nabesifazane, iNetball, iVolleyball, i-Athletics, amankomane, iVolleyball nemidlalo yasekhaya (Indigenous Games). Lo mqhudelwano ngowokukhetha isikwati saseMfolozi esizokuba yingxenye yeKing Cetshwayo Mayoral Cup, lapho kuzokube kukhethwa isikwati esizokuya kumaSalga Games azokuba ngoZibandlela eMgungundlovu.
“Engikubone lapha eMfolozi kusenze sancishelwa umsebenzi njengoba sinohlelo lweProject 350, lapho sifuna ukuba nesibalo esiningi lapha eNingizimu Afrika esizoya kuma-Olympics ngowezi-2028 eLos Angeles. Ikhono engilibone lapha liyadinga ukuthuthukiswa, ingakho izinhloli nakanjani kumele zibe khona kule midlalo” kusho uKhawula.
NgoLwesihlanu kusihlwa kwaba nomcimbi wesikhumbuzo sakhe uDkt BV Mthethwa esaba kaMasipala nalapho isikhulumi sosuku kwala uBlessed Gwala onguSihlalo we-IFP kuzwelonke.
UBhengu uthe banethemba ngale midlalo bazokwanda abadlali abaqhamuka eMfolozi ababonakala emaqenjini amakhulu njengoba sebekhoba asebeyicabile indlela.
“SiwuMasipala sizimisele ukweseka le midlalo ngoba siyafuna ukubona intsha yalapha kithi ifeza amaphupho ayo ngezemidlalo. Lapha eMfolozi sinaye uSiyabonga nomnewabo uThamisanqa bakaSangweni, manje kwiBetway Premiership kunoMthetheleli Mthiyane ogila izimanga kwiStellenbosch FC, lokho kusho ukuthi ikhono sinalo lapha. Angikungabazi ukuthi intsha yakuloMasipala izokwenza kahle bese sidlala imidlalo yokuhlungela ukuya kumaSalga” kubeka uBhengu.
Ebholeni likanobhutshuzwayo okuyilapho obekubhekwe khona kakhulu umpetha njengoba ubehamba nesamba sezinkulungwane ezili-R130, kugcine kunqoba iSantos yaku-Wadi 18.
UNgcolosi uphinde waveza ukuthi njengoba benamaWadi ali-18, kwiWadi ngayinye bathathe iciko elilodwa ukuba lizonandisa bese ligoduka nezinkulungwane ezinhlanu (R5 000).

