Ngathi uyaphupha u-Andile Mntungwa ukuthi ungomunye wabazobhulela amazolo impi kaThabiso "The Rock" Mchunu ozobhekana noYami Alberto Peralta wase-Argentina, kweyeWBC Silver Cruiserweight.
Kubatshazwe izimanga zamaBhokobhoko ngesikhathi iSouth African Rugby Union (SARU) iklomelisa abadlali abagqamile ngesizini edlule.
Abangani bakaThabani "Lion" Mthembu bahlele ukumkhumbula ngomqhudelwano kule mpelasonto.
Inhlokodolobha yaseHaiti ibinokuthula ngoLwesithathu, ngemuva kwezinsuku ezimbili uNdunankulu ethe uzokwehla esikhundleni.
Usizo lokudla kwamakhulu ezinkulungwane zababaleki baseSudan eChad, abanye babo abasondelene nendlala, luzomiswa ngenyanga ezayo ngaphandle kolunye uxhaso.
Umqeqeshi wAmazulu FC uPablo "Cijimpi" Franco uthi balindele umdlalo onzima buma sebebhekene neSekhukhune United.
Kukhuzwa isibabuli somdlali weMamelodi Sundowns uBongani "Ben10" Zungu ngokuzifakela ingcindezi engenasidingo.
Isihlabani somdlali weBafana Bafana neMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena sichaza ngesinqumo saso sokungabhiyozi kulandela ukushaya ingcwenga yegoli emdlalweni wabakhaya baseTshwane.
Abaholi abathathu baseLibya ababalulekile bathe ngeSonto bavumelene “ngesidingo” sokwakhiwa kukaHulumeni omusha obumbene ozokwengamela ukhetho oselunesikhathi eside lubambezeleka.
IMeya kaMasipala weSifunda iKing Cetshwayo uMnu uThamsanqa Ntuli udonse abantu baseMfolozi ngendlebe ukuthi kumele kube yibo abavike ingqalasizinda ukuze izinkinga zamanzi zizosheshe ziphele.
Iqembu lase-England i-Arsenal iqede ishobolo leminyaka idlulela kowamaQuarter-final omqhudelwano omkhulu wamaqembu i-UEFA Champions League.
U-Israeli uzoqhubekela phambili nokuhlasela kwayo iHamas, okuhlanganisa nedolobha eliseningizimu yeGaza iRafa.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usephumele obala ngezinhlelo zakhe zokuhlelela iNdebe YoMhlaba ezobanjelwa e-USA, eMexico naseCanada ngowezi-2026.
UMntwana uZuzifa Buthelezi kanye nomndeni wonke wakwaButhelezi bawunikeze izibusiso umjaho waminyaka yonke obizwa ngePrince Mangosuthu Ultra Marathon.
I-Economic Community of Central African States ivumile ukwesula unswinyo eGabon ngoMgqibelo, yabe seyihlanganisa kabusha isifunda.
Oshayasibhamu bathumbe okungenani abafundi abali-15 esikoleni esisenyakatho-ntshonalanga yesifunda iSokoto eNigeria ngesikhathi begasela entathakusa izolo, kusho umnikazi wesikole kanye nesakhamuzi.
Izikhukhula eziqubuke esifundeni esimaphakathi neMalawi ngesonto eledlule zishiye abantu abayisithupha beshonile futhi zishiye izinkulungwane zingenamakhaya, kusho uphiko olubhekele izinhlekelele ezweni eliseningizimu ne-Afrika ngoLwesibili.
Ukusayinwa emthethweni komthethosivivinywa omelene nabathandana nobulili obufanayo (LGBTQ) owaphasiswa yiPhalamende laseGhana kungase kuphazamise imali ebolekwe yileli lizwe ku-International Monetary Fund
UMengameli weSafa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKwenzakwakhe Ngwenya ujabule kakhulu kufezeka iphupho lakhe.
Azibekisele indawo kumaQuarterfinal e-Uefa Champions League amaqembu ahlonishwayo.
UMengameli weThekwini Region uMazwi Mkhize kuyamkhathaza ukugcwala kwabaqeqeshi bangaphandle kuleli.
Udlame olushubile eHaiti oludalwe umholi weqembu lezigelekeqe ozama ukuketula uNdunankulu seluphoqe abantu abangaphezu kwezi-15 000 ukuba bashiye amakhaya abo.
Babalelwa e-170 abantu “ababulewe” ngokuhlaselwa kwezigodi ezintathu ezisenyakatho neBurkina Faso ngesonto eledlule, kusho uMshushisi Wesifunda esitatimendeni esibonwe ngeSonto.
AboMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal sebekhiphe isexwayiso ngokubhebhetheka kwegciwane elenza kubabe amehlo uphenyane (Pink Eye) eThekwini nasesifundeni Ugu.