Alandele bani ithuba lokwabelana iringi nobukela kuye: Mntungwa



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngathi uyaphupha u-Andile Mntungwa ukuthi ungomunye wabazobhulela amazolo impi kaThabiso “The Rock” Mchunu ozobhekana noYami Alberto Peralta wase-Argentina, kweyeWBC Silver Cruiserweight.
Lezi zimpi zihlelwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi kulindeleke ukuthi zibe mhla zingama-22 kwephezulu zizobanjelwa e-Olive Convention Centre (OCC) zizoqala ngele-18:00 kusihlwa.
UMntungwa waseCato Ridge uzotholana phezulu noSnamiso Ntuli empini yebhande laKwaZulu-Natal ngaphansi kweSuper Middleweight.
“Ngathi iphupho lokhu okwenzakalayo, kuyangijabulisa kakhulu. UThabiso ufana nomfowethu ungikhulisile kakhulu esibhakeleni, okunye silolongwa uyise u-Alex Mchunu. Ungomunye wabantu abazakhelile igama kulo mdlalo, ukulwa eringini azobe elwa kuyona akuyona neze into encane” kusho uMntungwa.
Enye impi ebhekiwe ekaThulani Mbenge noLeandro Fonseca wase-Argentina, kweyeWelterweight.
UMntungwa uya kule mpi wagcina ukuba seringini ngowezi-2022 lapho ayebhekene khona noTristan Truter. Esibhakeleni esikhokhelayo uselwe ezili-13 kuzona unqobe eziyisithupha wahlulwa kweziyisithupha wadlala ngokulingana kweyodwa.
Ebuzwa ukuthi ngeke yini kumnike inkinga ukuthi unyaka wonke odlule akalwanga uthe: “Angiyiboni inkinga ngumuntu ozalelwe ejimini ngalokho ngihlezi ngizilolonga ngimi ngomumo ukuthi ngingene eringini. Amalungiselelo ami ngomumo ngizimisele ukubajabulisa abaqeqeshi bami uMmeli Mkhize noMchunu (Alex). Ngiyabonga ngiyanconcoza kwiMvelo Boxing Promotions ngokuthi inginikeze ithuba lokuba seringini futhi” kubeka uMthembu.
Uchaze imbangi yakhe njengebhokisa elihle alihloniphayo kodwa akaboni izomnikeza inkinga.
Kwezinye izimpi ezikhona ziqhathwe kanje:
- uNtethelelo Magcaba noNkosinathi Sibiya (KZN Junior Bantamweight)
- uMnelisi Ndlovu noMicheal Darries (8 Rounds Bantamweight)
- uWendy Gcado noNobengazi Booth (4 Rounds Super Middleweight)
- uDario Barella noScelo Mkhwanazi (4 Rounds Welterweight)
- uJose Kadima noTendai Sinakoma (4 Rounds Heavyweight)