Now Reading
Sekungolwesibili usuku kuheleza ukuthula enhlokodolobha yaseHaiti
Dark Light

Sekungolwesibili usuku kuheleza ukuthula enhlokodolobha yaseHaiti

Inhlokodolobha yaseHaiti ibinokuthula ngoLwesithathu, ngemuva kwezinsuku ezimbili uNdunankulu ethe uzokwehla esikhundleni, kodwa i-United States of America ne-United Nations baqala ukuhoxisa izisebenzi okukhombisa ukuthi besaba ukuthi ukuthula kungase kungabi khona.

UNdunankulu u-Ariel Henry uthe ngoMsombuluko uzosula esikhundleni uma uMkhandlu wesikhashana usuthathe izintambo, kulandela ukwanda kodlame lwamaqembu ezigebengu anamandla osekubangele ukuthi izinkulungwane zibaleke emakhaya.

UNobhala Wezwe e-USA u-Antony Blinken, ohlangane nabaholi besifunda saseCaribbean nabamele uhulumeni waseHaiti kanye nabaphikisayo eJamaica kuleli sonto, utshele izintatheli ngoLwesithathu ukuthi ulindele ukuthi umkhandlu wezinguquko uhlangane ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

ICaribbean Community (CARICOM), inhlangano yesifunda, isichaze kabanzi ngemikhakha, amaqembu ezombusazwe kanye nemifelandawonye ekufanele yakhe umkhandlu onamalungu ayisishiyagalolunye, kodwa ayikasho ukuthi ubani ozoqokwa.

See Also

Nokho, umholi weqembu lezigelekeqe onamandla kakhulu eHaiti, uJimmy “Barbeque” Cherizier, owayesabise ngokuketula uHenry, “uwuchithile” uMkhandlu wezinguquko, kubika iMiami Herald ngoLwesithathu. AbakwaReuters abakwazanga ukuqinisekisa ngokuzimela ukuphawula kukaCherizier.

Ngosuku olwedlule, ababhikishi abaningana babhikishela uhlelo loguquko, bashisa amathayi edolobheni lasePort-au-Prince, kodwa idolobha lalinokuthula kwezinye izindawo.

Scroll To Top