Beqile ekhulwini abasale enkundleni kuhlaselwa izigodi eBurkina Faso
by Anathi Mtaka
March 6, 2024
Isithombe: REUTERS/Luc Gnago
Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Babalelwa e-170 abantu “ababulewe” ngokuhlaselwa kwezigodi ezintathu ezisenyakatho neBurkina Faso ngesonto eledlule, kusho uMshushisi Wesifunda esitatimendeni esibonwe ngeSonto.
Lezi zigameko zokuhlasela kwabantu abangaziwa kwenzeke ezigodini iKomsilga, iNodin kanye neSoro esifundazweni iYatenga, kusho isitatimende sangesonto eledlule, sengeza ngokuthi uphenyo seluqalile.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli lizwe eliseNtshonalanga ne-Afrika belidonsa kanzima ukunqanda izibhelu ezinodlame ezixhumene ne-al Qaeda kanye ne-Islamic State ezisabalele zisuka emazweni angomakhelwane iMali kule minyaka eyishumi eyedlule, zabulala izinkulungwane futhi zaxosha abangaphezu kwezigidi ezimbili.
Related
Tags