Isifunda iCentral Africa isuse unswinyo eGabon
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-Economic Community of Central African States ivumile ukwesula unswinyo eGabon ngoMgqibelo bese iyihlanganisa kabusha esifundeni, ezinyangeni eziyisithupha ngemuva kokumisa ubulungu bayo ngenxa yokuketulwa kombuso kaMengameli u-Ali Bongo.
Amazwe angamalungu enze lesi sinqumo emhlanganweni obusezweni elingumakhelwane i-Equatorial Guinea, kusho uNgqongqoshe Wezangaphandle eGabon uRegis Onanga Ndiaye enkulumweni yakhe kuthelevishini ngoMgqibelo. Asikho isitatimende esivela esifundeni, kodwa enkundleni yokuxhumana u-X uNgqongqoshe Wezangaphandle waseBurundi u-Albert Shingiro uqinisekise isivumelwano sokwesula unswinyo esifinyelelwe emhlanganweni, abewuhambele.
Ngokushesha ngemva kokuketulwa umbuso kwangomhla zingama-30 kuNcwaba, isifunda samisa ubulungu beGabon nokubamba iqhaza kwayo kuzo zonke izinto ezihlobene nayo – izinyathelo eyathi zizoqhubeka nokusebenza kuze kubuye umthethosisekelo.
Umbutho owaqumba phansi uBongo lisaphethe kuleliya lizwe, kodwa ngoLwezi lathi lihlose ukuba nokhetho ngoNcwaba wezi-2025.