Imidlalo yokukhumbula uMthembu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abangani bakaThabani “Lion” Mthembu bahlele ukumkhumbula ngomqhudelwano kule mpelasonto.
UMthembu udlule emhlabeni ngoMfumfu nyakenye emva kokugula okuncane, imidlalo engiyesikhumbuzo sakhe izokuba kusasa ngoMgqibelo. Le midlalo eyenziwe kwaba eyabadlali abaneminyaka yobudala engaphansi kweli-17 izobanjelwa eParlock, izoqala ngehora leshumi ekuseni.
Mane amaqembu azoba yingxenye yalo mqhudelwano ozokuba usuku olulodwa, lawo maqembu kukhona iButho Sports Development, iBissa Football Academy, iBritish Football Academy neMayville Classic United.
ElaboHlanga likhulume noSiyanda “Choppa” Dlamini ongomunye wabahleli balo mqhudelwano.
“Sihlale phansi singabangani bakaMthembu sahlanganisa amakhanda ukuthi kumele kube khona esikwenzayo ukumhlonipha njengesosha ebesihambanalo. Ngokohlelo lethu besithe sifuna uqale kancane lo mqhudelwano bese ukhula unyaka nonyaka. Ingakho noma ekhona amaqembu afuna ukuba yingxenye yawo kodwa sangawafaka. Womane lamaqembu azobe edlala kusasa aqeqeshwa abanye babangani bakhe uMthembu” kusho uDlamini oseke wadlala kuMaZulu FC.
UMthembu wake wadlala kwinkulisa yeKaizer Chiefs, kanti uphinde wagijima kwi-Premier Soccer League (PSL), okubalwa khona iPlatinum Stars, iSuperSport United, iVasco Da Gama, iSantos neTS Sporting.
Naseqenjeni lesizwe lamaneminyaka engaphansi kwengama-20 kanye nakwiBafana Bafana udlalile nakhona. Ungomunye wabadlali uCavin Johnson oseqeqeha iChiefs ayekholelwa kuyena.
Ebuzwa ukuthi kungani beyenze yaba eyabadlali abaneminyaka engaphansi kweli-17 uthe: “Uma ubheka muva nje izinkulisa zibalulekile kakhulu ingakho sithe asiqale phansi sizokhuphuka ngendle, ngoba asingabazi ukuthi unyaka nonyaka uzokhuphuka lo mqhudelwano. Okuhle asiwenzeli ukuthi sifuna ukuzuza kodwa ukukhumbula umfowethu. Nemikomelo iyakuvela lokho ayikho inkece, iqembu elinqobile lizogoduka nendebe namaMedal. Okusijabulisa kakhulu ukuthi izibusiso zokwenza lo mqhudelwano sizitholile kuyise” usho kanje uDlamini.
UDlamini ungumqeqeshi weW Xpress Development Academy lapho alekelelana noSinethemba “Snebenebe” Ngidi odlale naye uMthembu kwiSupersport United naseqenjini lesizwe. Kanti uNgidi wayekhona kwiTS Galaxy inqoba iNedbank Cup ngowezi-2019 ihlula iChiefs kowamanqamu.
Abanye aqeqesha nabo uDlamini uPhilani Cele wodumo kuChiefs noSfiso Mabanga.
UDlamini echaza uMthembu uthe: “Namanje ngisasho akekho umgadli onjengaye lapha esifundazweni, ubelishaya igoli. Lokho angikusho ngoba ewumnganami kodwa ngikhuluma ngento abantu abayizo. Ingakho besimbiza ngebhubesi nje” usho kanje.
Kuzoba khona nemidlalo okuzodlala abadlali abadlale naye uMthembu, okuzobe kuwumdlalo nje.
Abalule isandla kukhona iNewlands FC adlule emhlabeni esedlala kuyona, iMumbai FC abebuye adlale kuyona makuneziteki, eyaMadlodlo Catering, Umqansa Protection Service.