UMthethosivivinywa ongavuni abanomuzwa wobulili obufanayo ungaba nomthelela oxhasweni lwe-IMF
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ukusayinwa emthethweni komthethosivivinywa omelene nabathandana nobulili obufanayo (LGBTQ) owaphasiswa yiPhalamende laseGhana kungase kuphazamise imali ebolekwe yileli lizwe ku-International Monetary Fund eyizigidigidi ezi-$3 futhi kuholele ekulahlekeni kwezimali eziyizigidigidi ezi-3.8 zamaDollar oxhaso lweBhange Lomhlaba eminyakeni emihlanu kuya kweyisithupha ezayo, kusho uMnyango wezeziMali.
- Abenzi bomthetho ngesonto eledlule baphasise ngazwi linye kanye nalabo abasolwa ngokugqugquzela abathandana nobulili obufanayo abayingcosana ezweni elaseNtshonalanga Afrika.
Umthethosivivinywa usuzokwethulwa kuMengameli uNana Akufo-Addo, okunguye ozothatha isinqumo sokuthi awusayine yini ube umthetho. Ukuphasa kwawo kufika ngesikhathi iGhana izama ukuphuma ebunzimeni obukhulu bezomnotho kanye nokuhluleka kwezikweletu ngosizo lohlelo lwemalimboleko ye-IMF eyizigidigidi ezintathu zamaDollar ($3 billion) olutholwe ngonyaka odlule kanye noxhaso lweBhange Lomhlaba.
Embhalweni wangaphakathi obonwe ngabakwaReuters ngoMsombuluko, uMnyango Wezezimali uxwayise ukuthi ukuphasiswa kwalo mthethosivivinywa kungase kube nomthelela ezimalini ezivela eBhange Lomhlaba, nokuyinto ezovala uhlelo lwe-IMF.
UMnyango Wezezimali uthe kulo mbhalo iGhana kungenzeka ilahlekelwe yimali eyayizovela eBhange Lomhlaba eminyakeni emihlanu kuya kweyisithupha ezayo. “Ukungakhokhishwa kwale mali eBhange Lomhlaba kuzophazamisa uhlelo lwe-IMF,” kusho umbhalo.
“Lokhu kuzophinde kubangele ukusabela kwemakethe okuzophazamisa ukuzinza kwezinga lokushintshisana,” kanye nokusimama kwezikweletu zesikhathi eside zaseGhana, kusho umbhalo.
Umnyango wengeze ngokuthi uzoqhubeka nokuxhumana ne-IMF kweminye imithombo yoxhaso ethembekile “ezovala igebe lezezimali”. Ukuphasiswa komthethosivivinywa ofanayo omelene ne-LGBT e-Uganda nakho kuholele ekutheni iBhange Lomhlaba limise uxhaso olusha lwezwe elisempumalanga ye-Afrika.