Ukuvumelana ngoHulumeni omusha obumbene eLibya
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abaholi abathathu baseLibya ababalulekile bathe ngeSonto bavumelene “ngesidingo” sokwakhiwa kukaHulumeni omusha obumbene ozokwengamela ukhetho oselunesikhathi eside lubambezeleka.
Inqubo yezepolitiki yokuxazulula izinxushunxushu eLibya engaphezulu kweshumi leminyaka imile njengoba ukhetho obeluhlelelwe uZibandlela wezi-2021 lwabhidlika phakathi kwezingxabano mayelana nokufaneleka kwabangenele ukhetho.
Laba baholi abathathu kubalwa uMengameli woMkhandlu kaMengameli (PC) uMohamed Menfi, inhloko yoMkhandlu Wombuso Ophakeme (HSC) uMohamed Takala, bobabili abazinze eTripoli, kanye no-Aguila Saleh, uSomlomo weNdlu Yabameli (HoR) eBenghazi.
Esitatimendeni esihlanganyelwe, laba baholi bobathathu baphinde banxusa uMbutho Wezizwe Ezihlangene eLibya kanye nomphakathi wamazwe omhlaba ukuthi weseke iziphakamiso zabo. Bathe bavumelene ngokusungula ikomiti elicubungulayo ukuze “libheke amaphuzu aphikisanayo”. Bahlangane eCairo ngesimemo sikaNobhala Jikelele we-Arab League u-Ahmed Aboul Gheit.
“Izinyathelo okwavunyelwana ngazo namuhla, sikholwa ukuthi ziyisiqalo esibaluleke kakhulu. Yimiphumela ehambisana nesifiso sabantu baseLibya sokuba nokhetho,” kusho uMenfi etshela abezindaba ngemuva komhlangano.
UMenfi wangena emandleni ngesikhathi uHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU) ngaphansi kukaNdunankulu u-Abdulhamid al-Dbeibah ufakwa ngenqubo esekelwa yi-UN ngowezi-2021, kodwa iPhalamende alisakuboni ukuba semthethweni kwawo.
UDbeibah ufunge wagomela ukuthi ngeke adedele amandla ombuso kuHulumeni omusha ngaphandle kokhetho lukazwelonke.