KASIHLEHLI: UNetanyahu uthi bazoqhubeka nokuhlasela eGaza, okuhlanganisa noRafah
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
U-Israeli uzoqhubekela phambili nokuhlasela kwayo iHamas, okuhlanganisa nedolobha eliseningizimu yeGaza iRafah, naphezu kwengcindezi ekhulayo yamazwe ngamazwe yokuyeka lokhu kuhlasela, kusho uNdunankulu uBenjamin Netanyahu kuqala.
UNetanyahu ufunge wagomela ukuthi uzoyicekela phansi iHamas ngemuva kokuthi amasosha ayo ehlasele eningizimu ye-Israel ngoMfumfu ziyisi-7, kwashona abantu abayi-1 200 kwathi abangama-253 bathunjwa, ngokwezibalo zakwa-Israel.
Bangaphezu kwezi-30 000 abantu asebebulewe eGaza ngesikhathi u-Israeli usuhlasela wona othi kwakukuziphindiselela , ngokwezibalo zeziphathimandla zezempilo zasePalestine, okwenza lokhu kuhlasela kwa-Israeli kuthole ukugxeka okukhulu emhlabeni jikelele.
“Kunengcindezi yamazwe ngamazwe futhi iyakhula, kodwa ikakhulukazi lapho ingcindezi yamazwe ngamazwe ikhuphuka, kufanele sisondelane, sidinga ukuma ndawonye ngokumelene nemizamo yokumisa impi,” kusho uNetenyahu.
Cishe abantu abayisigidi esi-1.5 balinganiselwa ukuthi baminyene eRafah, emaphethelweni aseningizimu impela emngceleni neGibhithe, iningi labo selibalekele amakhaya abo enyakatho libalekela ukuhlasela kwa-Israyeli.
Ekhuluma emcimbini wokuthweswa iziqu esikoleni sokuqeqesha izikhulu zamasosha akwa-Israeli, uNetanyahu uphinde wathi i-Israel kumele ume uqine uphikisane “nemizamo ekaliwe” yokuwusola ngamacala eHamas.
Wengeze ngokuthi u-Israyeli uzoqhubeka nokusebenza kulo lonke elaseGaza, “kuhlanganise neRafah, inqaba yokugcina yeHamas”.
“Noma ngubani ositshela ukuthi siyeke iRafah usitshela ukuthi sivume ukuhlulwa empini futhi lokho ngeke kwenzeke,” kusho uNetanyahu.