Now Reading
Abayisithupha baye kotheza ilala ngenxa yezikhukhula eMalawi
Dark Light

Abayisithupha baye kotheza ilala ngenxa yezikhukhula eMalawi

Izikhukhula eziqubuke esifundeni esimaphakathi neMalawi ngesonto eledlule zishiye abantu abayisithupha beshonile futhi zishiye izinkulungwane zingenamakhaya, kusho uphiko olubhekele izinhlekelele ezweni eliseningizimu ne-Afrika ngoLwesibili.

Izikhukhula zihlasele isifunda saseMalawi iNkhotakota ngemuva kwezimvula ezingapheli esifundeni, lapho izindawo ezithintekile zingafinyeleleki khona ngenxa yomonakalo osabalele wengqalasizinda, kusho uMnyango Wezindaba Zokulawulwa Kwezinhlekelele eMalawi esitatimendeni.

Lezi zindaba  ziza ngemuva konyaka isishingishane uFreddy sihlasele iMalawi kanye nezwe elingumakhelwane iMozambique neMadagascar.

See Also

Bangaphezu kwezi-14 000 abantu asebekhahlamezekile kulesi sihlava sakamuva sezikhukhula, kusho uphiko lukahulumeni, sengeza ngokuthi labo abalahlekelwe ngamakhaya bebekhoselise ezinkanjini.

Scroll To Top