UMokoena nesizathu sokuzibamba emuveni kokushaya igoli


Isihlabani somdlali weBafana Bafana neMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena sichaza ngesinqumo saso sokungabhiyozi kulandela ukushaya ingcwenga yegoli emdlalweni wabakhaya baseTshwane ngoLwesibili ebusuku eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli koweDStv Premiership.
UMokoena ushiye unozinti weSuperSport United uWashington Arubi enkemile empalini.
Udedele imbumbulu yeshodi engaphandle kwebhokisi. U-Arubi utshelwe ngabalandeli ukuthi ibhola lisenethini njengoba egcine etshuza emoyeni ezitshela ukuthi uzofinyelela kulona kodwa wasala etshuza yedwa.
Ngemuva komdlalo uphumele obala ngesinqumo sakhe sokungabhiyozi kulandela ukushaya ingcwenga yegoli.
“Kumqoka ukuthi ngiyihloniphe iSuperSport. Ngilapha engikhona ngenxa yaleli qembu. Yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngingajabuli ngemuva kokushaya lela goli. Ngiyohlale ngibonga kumnumzane uStanley Matthews (oyisikhulu esiphezulu kuSuperSport United) ngokunginika ithuba. Ukube akazange akholelwe kimina ngabe angikho lapho engikhona njengamanje,” kuchaza uMokoena kulandela ukushaya le ngcwenga yegoli.
ISundowns neSuperSport United bagcine becazelane amaphuzu bedlala ngokulingana ngelilodwa nhlangothi zombili. UBradley Grobler nguyena obhakuzise enethini elokulinganisa laMatsatsantsa A Pitori.
“Ngifuna ukuyibonga iSuperSport ngethuba elingqayizivele eyanginika lona lokuthi ngizakhele igama ezingeni elikhokhelayo. Namuhla (ngoLwesibili) basinike umdlalo onzima. Bekungelula,” kuqhuba uMokoena.
Ngemuva komdlalo uMokoena uqokwe njengomdlali ovelele. Bekungokwesibili imidlalo ilandelana lomdlali eqokwa njengomdlali ovelele. Nangempelasonto ushaye into ecokeme bebhekene neChippa United emdlalweni weligi.
“Into uma kungeyakho kusuke kungeyakho. Nami sengikujwayele ukukhahlela ngingaphandle ibhola ligcine liphelele enethini,” kubeka uMokoena.
Lo mdlali odabuka eFree State wafika kuSuperSport emncane esuka kuHarmony Academy.
Eqenjini elikhulu leSuperSport udlale iminyaka eyisithupha. Ukhushelelwe kwabadala ngowezi-2016 kwathi ngowezi-2022 wathengwa yiSundowns. KuSuperSport udlale imidlalo eli-127 wabasela enethini amagoli ayishumi nesihlanu.