UBroos uphumele obala ngezinguquko kuBafana Bafana
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usephumele obala ngezinhlelo zakhe zokuhlelela iNdebe YoMhlaba ezobanjelwa e-USA, eMexico naseCanada ngowezi-2026.
INingizimu Afrika sekuphele iminyaka yagcina ukuzibekisela indawo eNdebeni YoMhlaba.
Elakuleli lagcina ukudlala kweyoMhlaba ngowezi-2010 ngesikhathi lingosokhaya balo mqhudelwano.
Kahle kahle, iBafana yagcina ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba isebenzisa izithukuthuku zayo ngowezi-2002 eJapan/Korea.
Kweyokuhlungela ukuzibekisela e-USA, eMexico naseCanada elakuleli liboshelwe eqoqweni elilodwa neNigeria, iLesotho, iBenin neRwanda.
Ngesonto elizayo, iBafana izodlala imidlalo emibili yesihle ne-Andorra ne-Algeria kuFifa Series International Friendlies kwelase-Algeria.
NgoMsombuluko, uBroos, umemezele iqembu azogadla ngalo kule midlalo emibili yesihle.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi sengibhekelele ikusasa. Ngike ngakubeka phambilini ukuthi kunabadlali abayingxenye yeqembu abazobe beniminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, amashumi amathathu nane namashumi amathathu nesithupha ngeNdebe YoMhlaba kwelase-USA, eMexico naseCanada ngowezi-2026. Yingakho kumqoka ukuthi sithole abadlali esizovala ngabo izikhala. Le midlalo isinika ithuba lokuhlola abadlali abancane ukuthi bakulungele yini ukudlala ezingeni leBafana,” kuchaza uBroos ngesikhathi exoxa nabezindaba.
Phakathi kwabadlali uBroos aqondise kubona singabala uThemba “Mshishi” Zwane, uVeli Mothwa, uSiyanda Xulu, noRonwen Williams bonke assbehanjelwe yiminyaka.
UWilliams usephenduke isithandwa kubalandeli bebhola eNingizimu Afrika kuzoshaya iNdebe YoMhlaba eneminyaka engamashumi amathathu nane.
Ngowezi-2026, uZwane uzobe eneminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa kanti uXulu uzoficwa YiNdebe yoMhlaba eneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu.
“Okwesibili sibhekene namaqembu esizwe amabili asebenzisa izitayela zokudlala ezahlukile. Sizobhekana ne-Andorra ongacishe uyifanise neNamibia. Yiqembu elinzima engibheke ukuthi sihlale emuva bese lizama ukusizuma,” kubeka uBroos,” kulandisa uBroos.
NgoLwesine oluzayo ezikaBroos sizobhekana ne-Andorra e-19 May 1956 Stadium bese kuthi ngoLwesibili igadulisane ne-Algeria.
“Ngakolunye uhlangothi sizobhekana ne-Algeria ekleliswe endaweni yesihlanu e-Afrika ngokweCaf. Kuyinto enhle ukuthi iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika libhekana namazwe afana ne-Andorra ne-Algeria. Njengamanje i-Algeria inomqeqeshi omusha. Sibheke nokuthi ibophele abadlali abasha. Yithuba elihle labadlali abasha esibabizile ukuthi bazibonakalise. Le midlalo imqoka kithina ukuze singaphumi ohlwini lwamazwe ayishumi ahamba phambili e-Afrika.” kuphetha uBroos.
Onozonti:
uRonwen Williams, uBruce Bvuma noRicardo Goos.
Izitobha:
uSydney Mobbie, uNkosinathi Sibisi, uThapelo Xoki, uGrant Kekana, u-Aubrey Modiba, uSiyabonga Ngezana, uThapelo Morena noTerrence Mashego.
Esiswini:
uTeboho Mokoena, uSiphephelo Sithole, uGrant Margeman, noGoodman Mosele.
Phambili:
uThemba Zwane, uMihlali Mayambela, uPatrick Maswanganyi, uMlondi Mbanjwa, u-Elias Mokwana, uKhanyisa Mayo, u-Iqraam Rayners no-Oswin Appollis.