Now Reading
Ibuyele esicongweni iDurban Super Giants ngemuva kokuhlula izimbangi zayo ezinkulu
Dark Light

Ibuyele esicongweni iDurban Super Giants ngemuva kokuhlula izimbangi zayo ezinkulu

Lo mdlalo ububhekwe ngamehlo abomvu ngenxa yokuthi bekutholene phezulu amaqembu amabili alwela ukuqeda esicongweni esigabeni samaqoqo alo mqhudelwano omkhulukazi weT20 oqhubeka kwelaseMzansi.

ISuper Giants iwine ithose yase iqoka ukubhetha kuqala kulo mdlalo. Nangempela ikhombisile ukuthi kungani ithathe lesi sinqumo.

Ibhalise ebhodini ama-run ali-190 kusawe amawikhethi amathathu kuma-over angamashumi amabili.

UQuintin De Kock ogcine eqokwa njengomdlali ovelele ubengalibheki ibhola. Ubeliphahlaza liyobanjwa ezinhlweleni. IPaarl Rocks ihlulekile wukuqhamuka nezimpendulo.

UDe Kock ushaye ama-run angama-83 emabholeni angu-51 engazange akhishwe.

Leli nxele lesekwe nguJon Jon Smut noHeinrich Klaasen. USmut ukhishwe esenze ama-run angam-52 emabholeni angama-39 kwathi uKlaasen wabeka ebhodini angama-30 emabholeni ayisishiyagalolunye. 

ISuper Giants igcine ihlanganise ama-run angu-190. IPaarl Rocks ibidinga ama-run angu-191 emabholeni ali-120 ukuze inqobe bese iqinisa indawo yayo esicongweni. 

Amawikhethi amathathu ePaarl Rocks athathwe nguLungisani Ngidi, Imaad Fortiun, no-Obed McCoy.

Ngaphandle kwewikhethi kaSmut enye ewile ngekaTony de Zorzi (10) noMatthew Breetkze (12).

Ama-Rocks ahlulekile wukujaha isibalo sama-run ali-190. Aphume wonke esenzse ali-133 kuma-overs ali-19.3.

See Also

ISuper Giants igcine inqoba ngama-run angama-57. Ngemuva kwalokho igudluze ama-Rocks esicongweni.

Emidlalweni eyisikhombisa leli qembu laseThekwini yilona eseliqhwakele ngamaphuzu angama-23. Livule igebe lephuzu elilodwa kuma-Rocks.

Abashwibi beSuper Giants bonke benze umsebenzi oncomekayo. UMarcus Stoinis uthathe amawikhethi amathathu kwathi uReece Topley noKeshav Maharaj bahlomula ngamabili. USmut, Naveen-ul-Haq noNoor Ahmad bonke bathole iwikhethi eyodwa umshwibi ngamunye.

Jos Buttler nguyena ozame ukwenza into ebonakalayo. Ushaye ama-run angama-45 emabholeni angama-36.

Scroll To Top