Now Reading
IJoburg Super Kings izifake ethubeni lokudlala kowandulela amanqamu
Dark Light

IJoburg Super Kings izifake ethubeni lokudlala kowandulela amanqamu

Ivuselele amathemba okufinyelela kowandulela kowandulela amanqamu eBetway SA20 League, iJoburg Super Kings ngesikhathi iguqisa iMI Cape Town ngamawikhethi ayishumi eNewlands Cricket Ground, eKapa izolo ebusuku.

Umdlalo uke wama isikhathi eside ungaqali ngenxa yemvula ebiyidliva kwelaseKapa osukwini lwayizolo. Abaphathi bomdlalo bagcine bethathe isinqumo sokuthi kuzodlalwa ama-over ayishiyagalombili.

Kulahleke ama-over ayishumi nambili ngenxa yemvula ebiyishaya ngendlela eyisimanga. ISuper Kings iwine ithosi yase iqoka ukushwiba kuqala kulandela ukuthi imvula ithe ukwehla enkundleni.

IMI Cape Town ihlanganise ama-runs angama-83 kuma-over ayisishiyagalombili. Ilahlekelwe ngamawikhethi amathathu.

UKieron Pollard, Ryan Rickelton noRassie Van Der Dussen yibona abathole umgqigqo wokushaya ibhola.

UPollard ubhalisa ama-runs angama-33 emabholeni ayishumi kwathi uRickelton wathola angama-23 emabholeni ali-16. UVan Der Dussen ukhishwe enama-runs ali-16 emabholeni ali-18.

Amawikhethi amathathu eSuper Kings athathwe ngu-Imran Tahir othole amabili noLizaad Williams uhlabane ngeyodwa.

Leli qembu laseGoli bese lidinga ama-run angama-84 ukuze liphumelele kuma-over ayisishiyagalombili. 

See Also

UFaf du Plessis noLeus du Plooy benze into yamehlo. Bathathe iqembu labo balibeka empumelelweni.

UDu Plessis ugcine eqokwe njengomdlali ovelele. Ushaye ama-run angama-50 emabholeni angamashumi amabili.  UDu Plooy yena uphahlaze angama-41 emabholeni alishumi nane. Bobabili abazange bakhishwe. Bafinyelele kulesi sibalo sama-runs kuma-over angama-5.4. 

ISuper Kings inyukele endaweni yesine ku-log ngamaphuzu ali-13 emidlalweni eyisishiyagalombili. Amaqembu amane aqede phezulu azodlulela kowandulela amanqamu.

Scroll To Top