Ibunele ezandleni zeNew Zealand iProteas
INew Zealand ibukise ngeProteas emdlalweni wokuqala ochungechungeni lwemidlalo emibili yamaTest eBay Oval namuhla ezintatha.
IBlack Caps igcine inqobe ngama-run angama-281. Elakuleli belidlala ngaphandle kwezithenjwa zabadlali.
Lolu chungechunge lwemidlalo emibili yamaTest phakathi kweProteas neNew Zealand luqondene neBetway SA20 League eqhubeka eNingizimu Afrika.
Izihlabani zeProteas zibanjwe yizinkontileka namaqembu azo. Lokhu kugcine kuphoqa ithimba labaqoki kuCricket South Africa (CSA) ukuthi liqoke isikwati ezintekenteke.
Elakuleli lidlala ngaphandle kwezihlabani zabadlali okubalwa kubona uKagiso Rabada, Lungisani Ngidi, uTemba Bavuma, u-Aiden Markram, uNandre Burger noKeshav Maharaj bonke abayingxenye yeBetway SA20 League.
Libophele abadlali abasathuka isisika ezingeni lomhlaba okubalwa kubona u-Edward Moore, Niel Brand ohola iqembu, uRaynard van Tonder noRuan de Swardt.
Nangempela iBlack Caps iyicacisele iProteas ukuthi idlala ngezintwana. Ku-Innings yokuqala ashaye ama-run angama-511 isephume yonke kuma-over ali-144.
IProteas iyona ewine ithosi kwathi ukaputeni uNiel Brand waqoka ukushwiba kuqala.
URachin Ravindra ushaye ama-run angama-240 kwathi uKane Williamson wazitholela ali-114.
UBrand uthathe amawikhethi ayisithupha. Amanye amawikhethi eNingizimu Afrika athathwe nguSwardt owise amabili noDane Paterson noTshepo Moreki bathathe eyodwa umdlali ngamunye.
Amawikhethi ku-Innings yeProteas awe ubuthaphuthaphu. Iphume yonke isenze ama-runs ali-162.
UMoore (23), uZubayr Hamza (22), uDavid Bedingham(32) noKevin Petersen (45) yibona abazamile ngebhethi.
INew Zealand ivale usuku lwesithathu isihlanganise ama-run ali-179 kusawe amawikhethi amane kuma-over angama-43.
UWilliamson uphinde washaya elinye ikhulu lama-run (109).
UBrand uthathe amawikhethi amabili kwathi uPaterson noSwardt bathatha eyodwa umdlali ngamunye. Ngosuku lwesine ama-Black Caps athathe isinqumo sokuthi angeke esaqhubeka nokubhetha. Lokhu kusho ukuthi amaProteas azodinga ama-run ama-529 ukuze anqobe ezinsukwini ezimbili.
Agcine ephume wonke esenze ama-runs ama-247 kuma-over angama-80. Ngaleyo ndlela aguqa ngama-runs ama-281.
UDavid Bedingham ushaye ama-run angama-87 ku-Innings yesibili yamaProteas. Ngakolunye uhlangothi amawikhethi ayishumi eNew Zealand athathwe nguKyle Jamieson ohlomule ngamane, uMitchell Santner ungingqe amathathu bese kuba nguTim Southee, Matt Henry noGlenn Phillips bonke abathathe iwikhethi eyodwa umdlali ngamunye. Umdlalo wesibili uzoba seSeddon Park mhla ziyishumi nantathu kuNhlolanja.