Now Reading
Elinye ithuba lowamanqamu eSA20 kuDurban Super Giants
Dark Light

Elinye ithuba lowamanqamu eSA20 kuDurban Super Giants

Izophinde ithole elinye ithuba lokuzibekisela indawo kowamanqamu eBetway SA20 League, iDurban Super Giants uma isibhekene neJoburg Super Kings namuhla ngelesi-5.30 eWanderers Stadium, eGoli.

ISuper Giants iqede endaweni yesibili esigabeni samaqoqo. Kowokuhlungela ukuzibekisela indawo kowamanqamu itholane phezulu neSunrises Eastern Cape eqede endaweni yokuqala kulogi.

La maqembu amabili atholane phezulu eNewlands Cricket Ground, eKapa. ISuper Giants ikhale ngaphansi. Ititinywe ngama-run angama-51. ISunrises idlulele kowamanqamu ozobanjelwa eNewlands Cricket Ground ngeSonto ngelesi-5.30 ntambama.

ISuper Giants idlulele komunye wesibili wokuhlunga. Ibilinde ozonqoba phakathi kwePaarl Rocks neJoburg Super Kings abebeshukana izolo ebusuku eWanderers.

Kulo mdlalo kugcine kuphumelele iSuper Kings ngamawikhethi ayisishiyagalolunye. Leli qembu laseGoli liwine ithosi laqoka ukushwiba kuqala.

Liyikhiphe yonke iPaarl Rocks inama-run ali-138 kuma-over angamashumi amabili. ISuper Kings isijahe lesi sibalo sama-run ngempumelelo kuma-over ali-13.2. Ilahlekelwe yiwikhethi eyodwa kuphela yase inqoba umdlalo kusasele amabhola angamashumi amane.

USam Cook ugcine eqokwe njengomdlali ovelele. Uthathe amawikhethi amane kuma-over angu-3.5. UNandre Burger no-Imran Tahir yibona abamlekelelile. UBurger uwise amathathu kwathi uTahir wathatha amabili.

UMiller nguyena ozamile kumaRocks eshaya ama-run angama-47 emabholeni angama-40.

See Also

ULeus du Plooy noFaf Du Plessis bayincenge kamnandi baze bafinyelela kule nkeshezana yama-run ebibekwe iRocks ebhodini. UDu Plooy ubhalise ama-run angu-68 kwathi uDu Plessis wagcina engazange akhishwe enama-run angu-55 emabholeni angu-34.

UDu Plooy ukhishwe nguTabrazi Shamsi. UReeza Hendricks naye kuphele umdlalo engazange akhishwe emabholeni ayisishiyagalombili. Ushaye ama-run amahlanu.

ISuper Kings inqobe ngamawikhethi ayisishiyagalolunye. Isizobhekana neSuper Giants namuhla ngo-5.30 ntambama.

Ozonqoba ulindwe yiSunrises kowamanqamu.

Scroll To Top