IMumbai ibone umthente ohlaba usamila kuMaphaka
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlali wakuleli wekhilikithi nosemncane uKwena Tshegofatso Maphaka, unyelwe inyoni esandleni njengoba esayiniswe iMumbai Indian okuyiqembu elidlala ku-Indian Premier League (IPL).
UMaphaka oneminyaka yobudala eli-17 ukusayina kwakhe kuMumbai Indians, kumfake emabhukwini omlando okubalwa nabadlali abancane abaseke badlala ku-IPL.
IMumbai Indians isayinise uMaphaka ngenhloso yokuthi azovala isikhala sikaDilshan Madushanka waseSri-Lanka olimele edlalela izwe. UMadushanka ungomunye wabashwibi abasefomini ngeNdebe YoMhlaba nyakenye washaya amawikhethi angama-21.
UMaphaka naye ugqame kakhulu kweYoMhlaba ekade ikuleli ekuqaleni konyana njengoba ashaya amawikhethi angama-21 emidlalweni eyisithupha, wasiza iNingizimu Afrika yafinyelela kowandulela owamanqamu. Wagcina eqokwa njengomdlali ovelele.
Muva nje ubegila izimanga kuLions idlala koweCSA T20 Challenge.
KuMumbai Indians uzothola ithuba lokuqeqesshwa abadlali abazakhele igama komdlalo wekhilikithi emhlabeni uLasith Malinga noJasprit Bumrah.
UMaphaka ngesikhathi edlala imidlalo yeNdebe YoMhlaba eshaya amawikhethi amahlanu emdlalweni ekhuluma emva komdlalo wabalula uBumrah njengomdlali akhule emubukela.
Abanye abadlali balapha eNingizimu Afrika uMaphaka azofike abajoyine kuMumbai Indians kukhona uDewald Brevis noGerald Coetzee.
Imidlalo ye-IPL iqala kusasa lapho kuzovula iChennai Super Kings neRoyal Challengers Bangalore, iMumbai Indians umdlalo wayo wokuqala izotholana phezulu neGurajat Titans ngeSonto ngehora lesine.