Now Reading
Masingaba nenkundla yekhilikithi esesimeni, singakhiqiza inqwaba yabadlali – Khuzwayo
Dark Light

Masingaba nenkundla yekhilikithi esesimeni, singakhiqiza inqwaba yabadlali – Khuzwayo

UMsizi Khuzwayo ongumqeqeshi wekhilikithi weKwaMashu Cricket Club ulibona liqhakazile ikusasa lentokazi esencane uZiyanda Xulu, ogila izimanga kulo mdlalo.

UZiyanda oneminyaka yobudala eli-16 ohlala esigcemeni sakwa-J KwaMashu, usanda kugila izimanga ngoZibandlela ngesikhathi edlalela iqembu laKwaZulu-Natal, iDolphins kwi-Cricket South Africa (CSA) National Week eGoli, ngoZibandlela nyakenye.

Wagqama kakhulu njengoba aqokwa njengomshwibi ovelele esigabeni sika-Under-16, neqembu laKwaZulu-Natal ilo eladla umhlanganiso.

“UZiyanda unekhono eliyisimanga, ngelinye ilanga ngiyambona efika ezingeni likaNonkululeko “Lefty” Mlaba, osezuze okuningi kulo mdlalo ogila izimanga eqenjini lesizwe uma lidlala kwimiqhudelwano emikhulu emhlabeni. Yize enalo ithalente lokushwiba kodwa, okuyikho okuyomyeza ngelibanzi ukuzimisela kwakhe nokuzikhandla. Njengomqeqeshi ngizimisele ekutheni ngimlekelele, ukuze akhule kulo mdlalo” kusho uKhuzwayo naye odabuka KwaMashu khona esigcemeni sakwa-J.

UKhuzwayo oneziqu zokuqeqesha zikaLevel-1 uqale ukuqeqesha uZiyanda ngonyaka wezi-2019.

“Ithalente liningi kakhulu lapha KwaMashu namaphethelo, inkinga inkundla esigcemeni sakwa-J asinayo. Ngikhuluma nje nsuku zonke zaphuma uma kumele siziqeqeshe sijimela endaweni yokudlala iNetball. Uma befika abadlali bayo iNetball kuyaphoqa ukuthi siphume siyeke ukujima. Nginethemba elikhulu lokuthi masingathola inkundla esesimeni, baningi abadlali abangamela isifundazwe iKwaZulu-Natal ngelinye ilanga bamele neNingizimu Africa” kubeka uKhuzwayo.

See Also

Lo mqeqeshi oqale ukuqeqesha ngowezi-2014 akagcini ngokuqeqesha iKwaMashu Cricket Club, kodwa ubuye aqeqeshi neqembu labangaphansi kweminyaka eli-13 laKwaZulu-Natal. Uphinde abe isekela mqeqeshi eqenjini labaneminyaka engaphansi kweli-16 lesiFundazwe iKwaZulu-Natal.

Abanye abadlali abaphume ngaphansi kwesandla sikaKhuzwayo abamele isifundazwe iKwaZulu-Natal, uLethokuhle Mbili odlala eqenjini labaneminyaka engaphansi kweli-13 noLondeka Ntombela yena odlala kwabaneminyaka engaphansi kweli-16.

Scroll To Top