Now Reading
UMaphaka ubhabhadiswe ngomlilo eqala ku-IPL
Dark Light

UMaphaka ubhabhadiswe ngomlilo eqala ku-IPL

Igilwe ozakwabo intwana encane efike kwezwakala kwezekhilikithi uKwena Maphaka osayiniswe yiMumbai Indians ngemuva kokugila izimanga eNdebeni YoMhlaba yabaneminyaka engaphansi kweminyaka eyishumi nesishiyagalolunye.

IMumbai ibibhekene neSunrises Hyderabad emdlalweni we-Indian Premier League (IPL) eRajiv Gandhi International Stadium kwelaseNdiya.

UMaphaka uthole ingqayizivele yethuba lokudlala umdlalo wakhe wokuqala egqoke imibala yeMumbai.

Ugilwe ngabakhaya uHeinrich Klaasen no-Aiden Markram abavele basheshe bamcacisela ukuthi useyintwana.

UKlaasen ushaye ama-run angama-80 emabholeni angamashumi amathathu nane. Ugcine engazange akhishwe. Ubhamuze o-6 abayisikhombisa no-4 abahlanu.

Ulekelelwe nguMarkram naye ongazange akhishwe emabholeni angamashumi amabili nesishiyagalombili. Ushaye ama-run angama-42.

Ngakolunye uhlangothi uMaphaka udedele ama-run angama-66 kuma-over amane. ISunrises igcine ibeke ebhodini ama-run angama-277 kuma-over angamashumi amabili.

See Also

UMumbai ihlulekile wukujaha lesi sibalo sama-run. Igcine yenze ama-run angu-246. ISunrises igcine inqoba ngama-run angama-31.

UMaphaka uzakhele igama eNdebeni YoMhlaba yabafana abancane ekuqaleni konyaka lapha eNingizimu Afrika.

Ugcine eqokwe njengomdlali ovelele kulandela ukuthatha amawikhethi amaningi. NakumaLions agijima kuwona ufike washeshe wangena egiyeni.

Scroll To Top