Ufisa bethole uxhaso umqeqeshi weKwaMashu Cricket Club
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


UMsizi Khuzwayo ongumqeqeshi weKwaMashu Cricket Club esanda kunqoba iKZNCU Promotion Women’s T20 uthi yize ejabule ngokunqoba lomqhudelwano kodwa kusekhona ukukhala anakho.
Ngeledlule iKwaMashu Cricket Club inqobe iKZNCU Promotion Women’s, ngokuhlula i-UKZN kowamanqamu ngama-runs angama-39 ekubeni kowandulela owamanqamu yehlula uMlazi ngama-runs amabili.
“Kungijabulise kakhulu ukuwina ukuthi sikwazi ukunqoba lo mqhudelwano, obekuyinto engelula neze. Kufundise abadlali bethu izinto eziningi abazobhekana naso uma sebefike esigabeni esiphezulu, ngoba iyona nhloso enkulu yawo umqhudelwano. Yize ngijabule kodwa nginenkolelo yokuthi kuningi esingakuzuza siyiKwaMashu Cricket Club makungathiwa sinazo izinsiza ezanele zokuthi siziqeqeshe. Noma sidlala umuntu kudingeka alinde omunye ukuze ezogqoka imifaniswano yakhe, okuyinto ebuhlungu kakhulu leyo. Ithalente yinto ekhona, inkinga lidinga ukulekelelwa ndlela thize,” kusho uKhuzwayo.
Ubalule ukuthi muva nje banabadlali abane abasesikwatini esizomela isifundazwe iKwaZulu-Natal, okuyimanje abazilungiselela ukuya eGoli ukuyodlala imidlalo yezifundazwe. Labo badlali kukhona uZiyanda Xulu, uPhumelele Bhengu, uNonjabulo Gcwensa kanye noLethokuhle Mbili.
IKwaMashu Cricket Club, elinye iqembu eliseduzane nabo okuyiLindelani Cricket Club, ingundaba mlonyeni ngokukhiqiza uNonkululeko “Lefty” Mlaba noNondumiso Shangase abenza kahle kakhulu eqenjini lesizwe.
Ephawula ngalokho uthe: “Abadlali bethu bakhuthazeka kakhulu ngalabadlali ababili ngoba bababonile besuka phambi kwabo, lokho kubanika kakhulu umdlandla wokuqhubeka nokuzimisela emdlalweni wabo ukuze nabo ngelinye ilanga bazibone sebese qembini lesizwe. Sinalo ithemba lokuthi lokho kokwenzeka ngelinye ilanga” usho kanje uKhuzwayo oneziqu zokuqeqesha uLevel 2.

