Now Reading
IDurban Super Giants iqhubekile nokudedela induku
Dark Light

IDurban Super Giants iqhubekile nokudedela induku

Ibuyele endaweni yesibili iDurban Super Giants (DSG) ku-logi yeBetway SA20 League ngesikhathi iguqisa iMI Cape Town ngama-run angama-36 emdlalweni obuyizolo eNewlands Cricket Ground, eKapa.

Iqembu lasekhaya liwine ithosi lathatha isinqumo sokushwiba kuqala. ISuper Giants ibeke ama-run ali-157 kusawe amawikhethi ayisithupha.

UMatthew Breetkze nguyena owakhele leli qembu laseThekwini isisekelo esiqinile ekuqaleni komdlalo. Ushaye ama-runs angama-48 emabholeni angama-46. Amawikhethi abewa ngapha nangapha kodwa yena wagoloza.

UTony de Zorzi ukhishwe nguGeorge Linde nge-over yesithathu esashaye ama-run angama-20 emabholeni ayishumi nanye.

Ngebhola elilandelayo uLinde ukhiphe uQuinton De Kock esabhekane nebhola elilodwa. UJon Jon Smut naye akazange ahlale isikhathi eside. Nge-over yeshumi ubuyele emuva egodukiswa nguThomas Kaber. Ubesebeke ebhodini ama-run angama-26. UKaber uphinde wagadla ihlandla lesibili ngesikhathi eqeda nguHeinrich Klaasen ngeyeshumi nambili.

UBreetzke ubelokhu eyingcenge njalo. UMarcus Stionis naye usheshe wagoduka. Wenze ama-run ayishumi nanye ngemuva kwalokho wakhishwa ngu-Olly Stone nge-over yeshumi nanhlanu.

UWiaan Mulder ungena kwacaca. Ufike enkundleni wangalincenga ibhola. Ubelijikijela ezihlweleni. Ugcine engazange akhishwe enama-runs angama-38 emabholeni angama-20.

UBreetzke unqontshwe nguSam Curran nge-over ka-18. IDurban Super Giants igcine ibeke ama-run ali-157 kuma-over angama-20. UKeshav Maharaj nezakhe bakwazile ukuvikela lesi sibalo sama-run. IMI Cape Town yenze ama-runs ali-120 kuma-overs angama-20. Kuqathake amawikhethi ayisishiyagalolunye.

See Also

URassie Van Der Dussen, Curran noDelwald Brevis bazamile ukufaka isandla ekutheni ezakhe zifice lesi sibalo sama-run kodwa umgqigqo waphika. UVan Der Dussen uphume enama-run ali-19 kwathi uCurran wathola angama-38 njengoba uBrevis eshaye angama-21.

UStionis, noNoor Ahmed bathathe amawikhethi amathathu umdlali ngamunye. UNaveen-Ul-Haq uhlomule ngamawikhethi amabili. Enye ithathwe nguMaharaj. 

ISuper Giants inqobe ngama-run angama-36 yase inyukela endaweni yesibili. Isiqoqe amaphuzu ali-18 emidlalweni eyisithupha. Iyalingana ngamaphuzu nePaarl Rocks eqhwakele. Bahlukaniswe ngumehluko wama-run. Ivule igebe lamaphuzu amathathu kuSunrises Eastern Cape esendaweni yesithathu.

NgoLwesihlanu izobhekana nayo iPaarl Rocks ngehora lesi-5.30 ntambama eBoland Park, eKapa.

Scroll To Top