UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Oqokwe njengoMengameli eMelika uDonald Trump uthe ngoLwesine kunezinhlelo zomhlangano phakathi kwakhe noMengameli waseRussia uVladimir Putin.
Uhulumeni waseChad uthe abezokuphepha bawuvimbile umzamo wokuphazamisa izwe ngoLwesithathu kusihlwa.
Amavukela-mbuso asempumalanga yeDemocratic Republic of Congo athumela ngokungekho emthethweni okungenani amathani ayi-150 e-coltan eRwanda ngonyaka odlule.
Izinhlangano ezingenzi nzuzo eMozambique zibhalele uMengameli Cyril Ramaphosa zimcela ukuthi angenelele.
Iqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) lizobhekisa amabombo enkantolo liyofuna athathelwe izinyathelo loyo owabe enguMengameli wezwe …...
UMphathiswa wezeziMali nokuThuthukiswa koMnotho eGauteng, uLebogang Maile, uyichithile imibiko eveza ukuthi lesi sifundazwe sesisondele ekungabini…...
I-Melika inqume ngoLwesibili ukuthi amalungu eSudan’s Rapid Support Forces (RSF) kanye namasosha ahlangene enze isibhicongo…...
ISouth African Banking Risk Information Centre (SABRIC) ithi kube nokunyuka okukhulu ebugebengwini bokuthenga nge-inthanethi (online shopping scams) ngesikhathi samaholidi.
Izithunywa zezinhlaka zesishayamthetho eziyizimbangi zaseLibya zivumelene ezingxoxweni eMorocco ngoLwesine ukuthi zizosebenzisana nophiko lwe-United Nations.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnu uSandile Swana, uthi kuzomele i-INkatha Freedom Party (IFP) ihlole kahle amagantsha ayo.
Osonkontileka bakagesi abaqashwe nguMasipala weTheku KwaZulu-Natal basabisa ngokuthi bazobeka phansi amathuluzi ngoMsombuluko uma idolobha lihluleka ukubaholela.
INational Institute for Communicable Diseases (NICD) isiqinisekise ukubheduka kwe-Rubella eNingizimu Afrika.
INkantolo Ephakeme yaseGhana ngoLwesithathu iwachithile amacala amabili ahlukene aphikisana nokuba semthethweni kweminye yemithetho yase-Afrika evimbela kakhulu ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo.
Umkhandlu iBlack Business Council (BBC) ukwamukele ukwelulwa komnqamulajuqu wokubhaliswa kwama-spaza.
Oqokelwe esobumengameli eGhana uJohn Dramani Mahama useqoke ithimba elimelene nenkohlakalo elizoqoqa imininingwane mayelana nenkohlakalo.
INational African Federated Chamber of Commerce and Industry (Nafcoc) isichaze isinqumo sikahulumeni sokubhalisa izipaza njengesingenabulungiswa.
UNgqongqoshe wezoBudlelwane baMazwe ngamazwe kanye nokuBambisana uRonald Lamola uzohola ithimba longqongqoshe baseNingizimu Afrika elizohlangana nozakwabo baseMozambique namuhla eMpumalanga.
OwayeyiMeya yaseGoli, uKabelo Gwamanda, uthi izinsolo namacala abekwe wona kunesandla sepolitiki, futhi akazi ngezisulu ezike zavela ngalokhu.
Ujenene omkhulu waseRussia obengamele amabutho avikela izikhali zenuzi, ezebhayoloji kanye namakhemikhali ezweni ubulewe ekuqhumeni okwenzeke eMoscow.
Inhloko yesigungu sabaphenyi be-UN isibhalele iziphathimandla ezintsha zaseSyria ukuthi izwakalise ukuthi zizimisele ngokuxoxisana nazo.
Ithimba loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi selitheleke eMauritius, lizobuyisela ekhaya ingane encane.
UNobhala-Jikelele we-United Nations (UN) u-António Guterres uthi udweshu lwaseSudan lubhebhezelwa abantu abangaphandle kwezwekazi.
Umholi weBuild One South Africa (BOSA) uMmusi Maimane uthe indlela uhulumeni asingathe ngayo indaba yamanzi ekhona ikakhulukazi eDolobheni laseGoli.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA) uVelenkosini Hlabisa uthi umnqamulajuqu wokubhalisa ama-spaza shop njengokusho kukaMengameli uCyril Ramaphosa uzophela ngesonto elizayo ngoLwesibili hhayi namhlanje.