Izinhlangano ezizimele zaseMozambique zinxusa uRamaphosa ukuthi iSADC ingenelele
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izinhlangano ezingenzi nzuzo eMozambique zibhalele uMengameli Cyril Ramaphosa zimcela ukuthi angenelele. Banxusa iSouthern African Development Community (SADC) ukuthi ifune isisombululo esiphuthumayo mayelana nokungaboni ngasolinye okukhona ezweni.
Lezinhlangano zithi zisola iKhomishini yoKhetho yaseMozambique ngezinsolo zokungahambi kahle ngesikhathi sokubhalisa ngaphambi kokhetho lwangonyaka odlule. Lezi zinhlangano zifuna uRamaphosa asebenzise iqhaza leNingizimu Afrika esifundeni seSADC ukuze afune kumiswe ukugcotshwa kukaDaniel Chapo weFRELIMO njengoMengameli waseMozambique.
UMqondisi Omkhulu we-Amnesty International u-Irungu Houghton uthe, “Besilokhu sibuka okwenzeka ezinyangeni ezimbili ezedlule. Sikhathazeke kakhulu. Babalelwa kwi-100 abantu abafayo. Sekukaningi sinxusa i-SADC kanye nomphakathi wamazwe omhlaba ukuthi bangenelele ukuze baqinisekise ukuvikelwa kokulahleka kwezimpilo. Sizoqhubeka nokwenza lokho size sibone amalungelo abantu evikelwa endaweni yaseMozambique.”
U-Nyusi uzohlangana namaqembu ezepolitiki
Khonamanjalo, uMengameli waseMozambique uFilipe Nyusi umeme abaholi bamaqembu asebenze kahle ngesikhathi sokhetho lukaMfumfu emhlanganweni ozoba ngoLwesine. Umholi weqembu eliphikisayo iPODEMOS, uVenancio Mondlane, kulindeleke abuyele eMozambique. Ushiye izwe ngemuva kokuchitha imiphumela yokhetho lwakamuva.
UMondlane ubese-Europe egqugquzela imibhikisho eMozambique ngemuva kokuthi ehlulwe okhethweni uDaniel Chapo weqembu iFrelimo.
Izwe libe nemibhikisho enodlame yamaqembu aphikisayo echitha imiphumela yokhetho. Ukubuyela kwakhe eMozambique kuza ngesikhathi izwe lilungiselela ukugcotshwa kukaDaniel Chapo njengoMengameli.