Now Reading
I-Ukraine ithi iyona ebulale uJenene waseRussia
Dark Light

I-Ukraine ithi iyona ebulale uJenene waseRussia

Ujenene omkhulu waseRussia obengamele amabutho avikela izikhali zenuzi, ezebhayoloji kanye namakhemikhali ezweni ubulewe ekuqhumeni okwenzeke  eMoscow. Abezokuphepha base-Ukraine bathi banaso isandla ekubulaweni kuka-Igor Kirillov.

Ikomidi labaphenyi baseRussia likuqinisekisile ukuthi uLieutenant General Igor Kirillov ubulawe ngaphandle kwebhilidi eliseningizimu yenhloko-dolobha yaseRussia. Ukuqhuma kubikwa ukuthi kudalwe yidivayisi efihlwe ngaphakathi kwesikuta sikagesi. Umsizi kajenene naye ushonile kulokhu kuqhuma.

Ukuqhuma kwenzeke ngehora lesi-6 ekuseni, Izimoto eziningana kanye nezitezi ezine zokuqala zesakhiwo sokuhlala nazo zithintekile kulokhu kuqhuma.

UKirillov ubengaphansi kwezinswinyo eziningi zaseNtshonalanga futhi ehlala ekhuluma ngezinsolo zokuhlasela ngamakhemikhali okwenziwa amazwe aseNtshonalanga.

See Also

Ephawula ngokufa kwaJenene, umkhulumeli woMnyango Wezangaphandle WaseRussia uMaria Zakharova uthe uKirillov ubelokhu “edalula ngokuhlelekile ubugebengu bama-Anglo-Saxon iminyaka eminingi”. Izikhulu zaseRussia nazo zithi lokhu uJenene Kirillov ayekhuluma ngakho kanye nobufakazi abunikeza babuhlngu futhi buthusa kwabathize”.

OwayenguMongameli waseRussia uDmitry Medvedev uthe uKirilov ubeyisishoshovu sangempela saseRussia.

Scroll To Top